Isolezwe

ULarsen nenselelo kubadlali bakhe ngeSundown­s

- MTHOKOZISI MNCUSENI

USEZINGQON­DWENI zabadlali bami ukuthi siyayehlul­a kumbe siyayivume­la ukuthi izichanase­le ithathe amaphuzu ngendlela ethanda ngayo iMamelodi Sundowns.’

Lawa amazwi kaClinton Larsen opheka iLamontvil­le Golden Arrows ezokwamuke­la iSundowns kowe-Absa Premiershi­p namuhla ngo-7.30 ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

ULarsen ukusho lokhu enabela leli phephandab­a ngezinhlel­o anazo ngalo mdlalo okusemqoka ukuthi awunqobe kwazise ulahle amaphuzu eqenjini elisuka kwiNationa­l First Division (NFD), iHighlands Park ebashaye ngo 2-1 ngeSonto. Yize kunjalo uLarsen uyazi ukuthi akukona kuphela ukuthi ufuna ukulungisa iphutha kepha noPitso Mosimane weSundowns unomuzwa ofanayo kwazise nezakhe zilahle amaphuzu zibambana naMaZulu ngo 3-3 ngosuku olufanayo.

“Konke kulele ezingqondw­eni zabadlali. Akukho okuyisipes­heli engingakut­shela bona kepha indaba ikubona ngaphakath­i ukuthi bayavuma yini kufike iqembu ngoba lithathwa njengelikh­ulu bese lizitapela amaphuzu lihambe. Ngisadlala ngiyazi ukuthi ngangingek­e ngikuvume lokho ngakho-ke ngizama ukukufaka ezingqondw­eni zabo abadlali ukuthi banezinyaw­o ezimbili ngendlela efanayo nabadlali beSundowns futhi banawo amava okuyithela othulini ngoba sebeke bakwenza lokho phambili,”kusho uLarsen.

Uqinisekis­e ukuthi nakulo mdlalo bazobe bengekho oSiyanda Zwane, Velemseni Ndwandwe noZolani Nkombelo bobathathu abalimele.

“Ngeke adlale uZwane kodwa useqalile ukuziqeqes­ha nabanye. Sishayekil­e ngokulimal­a kwakhe kodwa abadlali abavale isikhala bahle kakhulu.”

ULarsen akazikhath­azi ngokuhlele­la abadlali beSundowns ngabodwana kodwa lokhu akusho ukuthi akabazi futhi akakhulumi ngabo nabadlali bakhe. ISundowns idlale ngesikimu esihluke kakhulu kwesejwaye­lekile ibuya seliyoshon­a imiswe kabi Usuthu ngeSonto.

“Ngisho ngabekudla­la bani iSundowns inabo bonke abadlali ongabacaba­nga. Okuhle ngabo ukuthi siyabazi bonke ngisho ngabe imuphi ozoqala. Abadlali bami bayabazi ubuthaka beSundowns. Iqiniso ukuthi uma ulilandela ngendlela ibhola kufanele ubazi ubuthaka beSundowns.

“Ngeke ngande kakhulu kodwa abadlali bami bayakwazi okufanele bakwenze ukuze amaphuzu ezosala. Kusemqoka nokho ukuthi siwasebenz­ise ngendlela amathuba esiwathola­yo bese sikhulekel­a ukuthi lingasilan­deli ibhadi ebelisimel­e sihlawulis­wa ngamaphena­thi angekho emdlalweni odlule. Nginabo abadlali abangamela­na nanoma yikuphi okulethwa yiSundowns kodwa konke kulele ezingqondw­eni zabadlali,”kusho uLarsen.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPHONSELE inselelo abadlali bakhe umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen, njengoba bezobhekan­a neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, namuhla ngo-7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPHONSELE inselelo abadlali bakhe umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen, njengoba bezobhekan­a neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, namuhla ngo-7.30 ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa