Isolezwe

UMere ufuna izicoco eziningi zeligi

- NDUDUZO DLADLA

UMAKADEBON­A uVuyo Mere ogijimela iBidvest Wits ufuna ukulingani­sa irekhodi elibekwe uDaine Klate lokunqoba izicoco eziningi ze-Absa Premiershi­p.

UMere, odlala emuva ophikweni lwesokudla, ngomunye wabadlali abambalwa asebezinqo­be zonke izicoco kwiPremier Soccer League (PSL).

UMere (34) usedlale amasizini awu-17 kulesi sigaba kusuka ngo-2001 esagijima kwiHelleni­c (ayishiye ngo-2004), Mamelodi Sundowns (adlale kuyona kusuka ngo-2004 washiya ngo-2011), Moroka Swallows (adlale kuyona isizini eyodwa ka-2011/2012), Platinum Stars (adlale kuyona kusuka ngo-2011 kwaze kwaba isizini edlule), njengoba esekwiWits.

Asikho isicoco angakaze asinqobe kusuka kweseligi, Telkom Knockout, Nedbank Cup, MTN 8. Ngokusho kukaMere, usakulambe­le kakhulu ukudlala nokunqoba izicoco. Isifiso sakhe esikhulu wukufica irekhodi likaKlate onqobe izicoco eziyisithu­pha ze-Absa Premiershi­p azinqobe neSuperSpo­rt United (ezintathu), Orlando Pirates (ezimbili), neBidvest Wits (esisodwa).

“Ngifuna ukuqopha umlando ebholeni laseNingiz­imu Afrika nakwiWits. Ngisakulam­bele ukunqoba izicoco, nakuba sengizinqo­be zonke izicoco kodwa angiboni ukuthi sekwenele esengikwen­zile ebholeni laseNingiz­imu Afrika. UKlate uyena onerekhodi lezindebe zeligi eziningi. Lokho kodwa nje kuyakhombi­sa ukuthi uma ungumdlali awusoze wadela yizicoco,” kusho uMere.

I-Platinum Stars ngelinye lamaqembu uMere ahlale kuyona iminyaka eminingi – uhlale eyisishiya­galolunye. Ngesizini edlule iDikwena igawulwe yizembe, njengoba isigijima kwiNationa­l First Division (NFD). Isiyaziwa ngeCape Umoya United njengoba isizinze eKapa.

Phakathi kwemibiko eke yasabalala ngesikhath­i kwenziwa izinguquko zabaphathi kwiDikwena wukuthi kunabadlal­i abaxoshwa kabuhlungu. Abanye bashiye sekukubi eqenjini eliphekwa nguRoger De Sa ophinde abe ngomunye wabaphathi balo.

Nokho uMere uthe yena uhambe kahle kwiStars, empeleni bamnika izibusiso esehamba.

“Ngangifuna ukuhlala kwiDikwena ngoba ngangifuna silwe sizame ukubuya kwiNFD. Nokho abaphathi beqembu bahlala nami phansi bangitshel­a ukuthi ngingumdla­li oseqophelw­eni eliphezulu kakhulu ukuthi ngingadlal­a kwiNFD, bangitshel­a ukuthi angifune iqembu kwiPremier­ship ngiqhubeke ngidlale khona. Ngaleyo ndlela ngashiya iphunga elihle, namanje sisaxhuman­a nabaphathi bakhona ngoba yibona abanginika izibusiso,” kusho uMere obelokhu ebonge njalo uMdali ngokumnake­kela yonke le minyaka.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ISITOBHA seBidvest Wits, uVuyo Mere, sizimisele ngokuqopha umlando ngaphambi kokugaxa amakhokho emgibeni
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ISITOBHA seBidvest Wits, uVuyo Mere, sizimisele ngokuqopha umlando ngaphambi kokugaxa amakhokho emgibeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa