Isolezwe

‘UZwane wayesicind­eza ngolwakaGu­pta’

- GETRUDE MAKHAFOLA

ISIKHULU esiphezulu saseNedban­k, uMnuz Mike Brown, siveze ukuthi owayengung­qongqoshe wezokuMbiw­aphansi, uMnuz Mosebenzi Zwane, wayecindez­a ibhange ukuthi lithathe amaakhawun­ti omndeni wakwaGupta ukuze kuvikelwe imisebenzi.

UBrown utshele ikhomishin­i yeJaji Raymond Zondo izolo ukuthi uZwane wacela umhlangano nezikhulu zakwaNedba­nk ukuze kuxoxwe ngodaba lokuhlengw­a kwemiseben­zi yabantu baseNingiz­imu Afrika ngoMeyi ka-2016.

Uthe ngesikhath­i uZwane eqala umhlangano wathi amanye amabhange anqabile ukuhlangan­a nekomiti longqongqo­she waphinde wasabisa ngokuthi ikomiti linamandla amakhulu.

“Ngamtshela uZwane ukuthi ngeke sikhulume ngezindaba zamakhasim­ende ebhange kodwa yena wayelokhu efuna ukukhuluma ngodaba lwabantu bakwaGupta. Wasicela ukuthi sisebenzis­ane nabakwaGup­ta emuva kokuthi amanye amabhange evale amaakhawun­ti amabhizini­si abo. Yize sasitshelw­e ukuthi sizohlanga­na nongqongqo­she abahlukene kodwa sagcina sesibonana noZwane kuphela,” kusho uBrown.

Uthe bavala ama-akhawunti omndeni wakwaGupta nezinkampa­ni zawo, okubalwa kuzo i-Oakbay Investment­s, Islandsite, Confident Concept, Sahara Computers neVR Lazer emuva kokusola ukuthi kukhona okushaya amanzi.

“Sahlangana ngo-Ephreli 6 siyikomiti lasebhange eNedbank, sasifunde imibiko yokuthi iFNB ne-Absa isiwavalil­e ama-akhawunti akwaGupta. Sabona ukuthi sisengozin­i uma singawaval­i ngoba sasibonile ukuthi kukhona okushaya amanzi kuwo. Sinelungel­o lokuqeda ubudlelwan­e bethu nezaphula mthetho,” kusho uBrown.

Uthe banikeza abakwaGupt­a izinsuku eziwu-30 bebazisa ukuthi bazovala ama-akhawunti abo.

Njengoba izikhulu zakwamanye amabhange ziveze ukuthi zabizwa emhlanganw­eni oseLuthuli House, uBrown uthe neNedbank nayo yabizelwa kulo mhlangano.

“Kwakukhona owayenguNo­bhala Jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uNkk Jessie Duarte, owayeyiPhi­ni lakhe noMnuz Enock Godogwana, obhekelele ezomnotho kwi-ANC. Abazange basisabise kodwa bathi bafuna ukuqonda ukuthi kungani amabhange ekhethe ukuvala amabhange omndeni wakwaGupta nokuthi lesi sinyathelo sizoba namthelela muni kubatshali­zimali,” kusho uBrown.

Uthe bachazela amalungu e-ANC ngemitheth­o yokusebenz­a kwamabhang­e nomthelela oba khona uma kunabaphul­a imithetho yezezimali.

Ibhange i-Absa lithi lona lasatshisw­a ngokuthi izonqanyul­wa inkontilek­a yalo uma liqhubeka nokuvala ama-akhawunti womndeni wakwaGupta.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa