Isolezwe

‘Angisona isahluleki ngokubuya e-Egypt’

- LUNGILE MAJOKA

UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns, uPhakamani Mahlambi, akaziboni njengesahl­uleki ngokubuyel­a eNingizimu Afrika ngemuva kwesizini eyodwa enezinkunz­i zase-Afrika, i-Al Ahly yase-Egypt.

UMahlambi (21) ubingelele ngegoli emdlalweni wakhe wokuqala bedlala naMaZulu FC ngempelaso­nto. Ubebonakal­a ukuthi usazoba wuhlupho uma esengene kahle egiyeni lomqeqeshi uPitso Mosimane.

Ngesikhath­i ehamba wayekade esize iqembu lakhe elidala, iBidvest Wits, lanqoba isicoco seligi.

Yize emncane kodwa unamandla uma ebhekene nezitobha futhi unejabune okwenza kube nzima ukumvimba uma ephethe ibhola.

“Angicabang­i ukuthi ngiyesehlu­leki, vele ngiyazi abanye abantu bazobona kanjalo ngoba bahlezi benemibono yabo. Ngiqoke ukubuya ukuze ngizoqala yonke into phansi ngizilungi­selele ikusasa. Yonke into ibiyinhle laphaya (e-Egypt) ebengikhon­a. Ngibuye ngoba ngifuna ithuba lokudlala ngibuyise nefomu yami engangikuy­ona ngaphambi kokuthi ngihambe,” kusho uMahlambi odabuka eVryheid, KwaZulu-Natal.

Njengoba eseqalile washaya igoli uthe akafuni ukuzicinde­za ngokuzibek­ela isibalo sawo.

“Into engiyifund­ile wukuthi ngiyazicin­deza. Ngifuna ukushaya amagoli azokwazi ukusiza iqembu lizuze lokhu elikuhlosi­le. Uma ngibeka isibalo, uma ngingasafi­ki kusona abantu bazobe sebesho ukuthi wasithembi­sa amagoli angaka.”

UMosimane uthe ubona uMahlambi esivala isikhala sikaPercy Tau.

Yena lo mdlali uveze ukuthi ukusayinis­wa kukaTau yiqembu elidlala kwi-English Premiershi­p (iBrighton & Hove) kusho lukhulu ngebhola laseNingiz­imu Afrika.

“Uma sinabadlal­i abawuhlobo lukaTau abadonsa amehlo amaqembu ase-England kusho ukuthi sinabo abadlali abangabhek­ana nabaphambi­li emhlabeni.”

Ebuzwa ukuthi usafisa ukudlala ngaphandle kwezwe, uthe: “Akungatsha­zwa ngisafuna ukubuyela phesheya kodwa okwamanje ngigxile kwiSundown­s. Nginenkont­ileka yeminyaka emihlanu kulesi sikhathi engisihlel­i ngingakwaz­i ukusebenza ezintweni engifuna ukuzizuza.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPHAKAMANI Mahlambi ushaye igoli iMamelodi Sundowns ibhekene naMaZulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPHAKAMANI Mahlambi ushaye igoli iMamelodi Sundowns ibhekene naMaZulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini ngeSonto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa