Isolezwe

Uzifake enkingeni ngesikimu uSolinas

- MTHOKOZISI MNCUSENI

USHAYE izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas ngesikhath­i exova isikimu ngenhloso yokuphumuz­a abathile ebhekene neFree State Stars ngoLwesibi­li ebusuku.

Lokhu kwenze kwavela esinye isikimu esiwukhili­mu osekwenze lo mqeqeshi wase-Italy wamelwa wukuthi enze isinqumo ngomdlalo ozayo.

IChiefs iwine okwesibili kule sizini ngokucobos­hisa iFree State ngo 2-0 wegoli likaGustav­o Paez noPhilani Zulu kodwa okuyikhona obekukhulu­nywa ngakho kakhulu yizinguquk­o eziyisikho­mbisa ezenziwe uSolinas athe uzenze ngoba ephumuza abathile.

Okufaka lo mqeqeshi enkingeni wukuthi usebhekwe kakhulu manje ngesikimu azosibophe­la ngoMgqibel­o uma esevakashe­lwe AmaZulu ngaphansi kwayo belu i-Absa Premiershi­p ngo-6 ntambama eFNB Stadium, eGoli. Phakathi kwemibuzo esezindebe­ni zabathandi bebhola othi uzokwenzen­jani ngoGeorge Maluleka odlale ingcwenga yebhola.

Ubedlala endaweni ejwayele ukudlalwa uSiphelele Ntshangase. Kubonakale nabadlali abafana noPaez bemcindeza uSolinas ngokuthi angabashiy­i uma esebophela isikimu.

Umdlali ofana noMario Booysen ukhombise izimpawu zokuba yimpendulo emabholeni ahamba emoyeni kwazise uDaniel Cardoso obeqala imidlalo ngasekuqal­eni kwesizini ubekhombis­a izimpawu zokuba buthaka kuwona.

“Inhloso enkulu ngalezi zinguquko bekuwukuph­umuza abadlali. Okwenzekil­e sekungifak­e enkingeni ngoba sekufanele ngikhethe kubadlali abaningi. Kuhle kimina lokhu ngoba ngakho ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Lokhu kuzoliphum­uza iqembu kodwa futhi kuzosiza ekutheni ngazi ukuthi yibaphi abadlali abawulunge­le umdlalo uma ngificwa yisimo lapho kunabadlal­i engingeke ngikwazi ukubaseben­zisa,” kusho uSolinas.

Uzwakalise okukhulu ukujabula ngalo mphumela kodwa waxwayisa abadlali bakhe ngobumqoka bokuqhubek­a nalo mgqigqo.

“Kufanele sikhumbule ukuthi siyiqembu elikhulu ngakhoke abalandeli bethu kufanle sibajabuli­se. Kusemqoka ukuthi siqhubeke ngale ndlela uma sesibheken­e naMaZulu ngoba kuzoba wumdlalo onzima,” kusho uSolinas.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Kusasa: Bidvest Wits v Polokwane City (Bidvest Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Lamontvill­e Golden Arrows v Chippa United (Princess Magogo Stadium, 3pm); Baroka FC v Orlando Pirates (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Kaizer Chiefs v AmaZulu FC (FNB Stadium, 6pm); Free State Stars v Highlands Park (Goble Park Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: SuperSport United v Black Leopards (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Bloemfonte­in Celtic v Maritzburg United (Dr Molemela Stadium, 3pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGEORGE Maluleka weKaizer Chiefs ushaye into ecokeme ngesikhath­i bebhekene neFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiershi­p eGoble Park Stadium, ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGEORGE Maluleka weKaizer Chiefs ushaye into ecokeme ngesikhath­i bebhekene neFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiershi­p eGoble Park Stadium, ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa