Isolezwe

UNdengane ucacisa ngemibande­la yeCeltic

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seBloemfon­tein Celtic, u-Alfred Ndengane, sicacisa ngokuqoqa amaphuzu ngaphandle kokulambel­a ukuzuza okuthize kweqembu ngaphansi komqeqeshi uSteve Komphela.

ICeltic ayikahlulw­a kusukela kuqale isizini ka-2018/2019. Emidlalwen­i eyisihlanu, iwine emine, yadlala ngokulinga­na kowodwa ebambane kuwona neKaizer Chefs ngo 2-2.

Nakuba wonke amehlo esebheke kwiPhunya Selesele kule sizini kodwa uNdengane uphumele obala ngokuthi akukho abazibekel­e ukukuzuza kule sizini kwazise basakha isisekelo. UNdengane uwine umklomelo womdlali ovelele ka-Agasti, i-Absa Premiershi­p Player of The Month uKompela wahlabana ngoweAbsa Premiershi­p Coach of The Month. Bekuyimikl­omelo yokuqala kusuka kuqale isizini.

“Sifuna ukuwina imidlalo eminingi kule sizini. Awukho umgomo esizibekel­e wona njengokuth­i sifuna ukuqeda kwiTop 8 noma kuphi. Sakha isisekelo. Uma wakha indlu, usuke ungazi noma izowa noma cha. Uyakha uzitshela ukuthi izoqina ime. Yilokho esikwenzay­o ngokuzama ukuqoqa amaphuzu amaningi, akunandaba ukuthi siqeda kuphi kwi-log. Inqobo nje uma sizinikele ngakho konke. Abaphathi basitshele ukuthi asiwine imidlalo eminingi, siqoqe amaphuzu amaningi,” kusho uNdengane.

UKomphela uzobhekana nabaqhashi bakhe bakudala uma iCeltic seyamukela iMaritzbur­g United emdlalweni weligi eDr Molemela Stadium, eBloemfont­ein ngeSonto ngo-3 ntambama. I-Maritzburg, efinyelele kowamanqam­u weNedbank Cup ngesizini edlule, ihlezi emsileni we-log yePremiers­hip emuva kwemidlalo emine. Ayikaze iwine kule sizini.

“Kuzoba wumdlalo onzima ngoba balwela ukusuka lapha bekhona, thina sisendawen­i yesibili kwi-log. Bazoza kithina. Kufanele sizilungis­elele ukudlala umdlalo onzima. Ngesizini edlule sithwale kanzima kwiMaritzb­urg. Sidlale nayo kathathu, sahlulwa kwemibili, sawina owodwa. Lo mdlalo uzoba nzima futhi kufanele sishintshe indlela esicabanga ngayo sazi ukuthi alikho iqembu elikhulu, alikho elincane kwiligi,” kusho uNdengane.

 ??  ?? ALFRED NDENGANE
ALFRED NDENGANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa