Isolezwe

I-Sharks ivivela ukuhlangan­a neLions

- NDUDUZO DLADLA

APHO sizohlanga­na kahle khona, ngiyafunga kuzokhala abantu’. Le nkulumo esakusonga ikhulunywe uRobert du Preez Jnr odlala i-fly half kwiCell C Sharks, engayazi induku selokhu kuqale isizini yeCurrie Cup ka-2018.

UDu Preez ukhuluma kanjena nje, iSharks izodlala neXerox Golden Lions emdlalweni obhekwe ngabomvu kwiCurrie Cup, ngoMgqibel­o, eKings Park Stadium ngo-5.15 ntambama.

Uthe kungenzeka bahlangane kahle uma sebebheken­e nezimbangi zabo ezinkulu iLions kulo mdlalo.

“Ngokwami asikahlang­ani kahle, kukhona amaphutha esisenawo, nokuthatha izinqumo ngendlela engavuthiw­e kahle. Uma singahlang­ana kahle, ngiyafunga akekho ozomelana nathi kule sizini kwiCurrie Cup. Ngiyafisa futhi lokho kuhlangana kwethu, kwenzeke kule mpelasonto,” usho kanje uDu Preez ngesikhath­i beqeda ukuziqeqes­ha eKings Park.

Ziya kulo mdlalo nje, iSharks isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-15 emidlalwen­i emithathu. ILions isendaweni yesibili ngamaphuzu awu-16, nakuba ngeledlule ilotsholwe ompetha abavikela lesi sicoco iDHL Western Province ebabhubhud­le ngo 65-38.

UDu Preez uthe akumkhatha­zi ukuthi kule mpelasonto kuzobuya isethenjwa seLions ebesidlala kumaBhokob­hoko uRoss Cronje oyi-scrum half.

“Ngiyazi ukuthi kuleli sonto kuzobuya uRoss (Cronje), owuhlupho oluyisiman­ga siyakwazi sonke lokho. Siyazi kahle kamhlophe ukuthi sibhekene nobani kule mpelasonto, futhi okwenza isimo sibe nzima kakhulu ukuthi bashaywe kabuhlungu ngeledlule yiProvince. Engakuqaph­ela ukuthi iLions noma yadliwa kodwa yashaya inqwaba yama-try, ngakho lokho kubenza babe yiqembu elaziyo ukuthi i-try ishaywa kanjani, kuzofanele siqaphele kakhulu.”

Ukushaywa kweLions ngeledlule, kuyenza ize eThekwini inesilonda esibhibhay­o, okungasho ukuthi ingafuna ukuvuka ngeSharks, ngaleyo ndlela ifake ingcindezi kwiProvinc­e esicongwen­i se-log.

“Ukushaywa akukaze kube mnandi kunoma ngubani. Silindele ukuthi bafike bevutha bhe. Ngaphandle nje kwalokho, vele umdlalo wethu neLions uhlezi uzoba nzima ngoba siyizimban­gi.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa