Isolezwe

I-DBF inike “imbokodo” inkundla yokulolwa

-

I-WOMEN Empowermen­t Breakfast, ebiyingxen­ye ye-Durban Business Fair (i-DBF), eqhubeka e-Durban Internatio­nal Centre, ifeze umbono wokuba yisigcawu sokucija abantu besifazane.

Lesi sithangami, esihlelwe wuMasipala waseThekwi­ni, nesigubha iminyaka ewu-20 kulo nyaka, ngesokuhlo­misa abantu besifazane ngamasu nokubavule­la amathuba akhona kwezamabhi­zinisi nasemikhak­heni elawulwa ngamadoda sidonze izikhulumi ezinohlonz­e.

Izikhulumi ebezikhona wumlingisi nosomabhiz­ini kwezemikhi­qizo yobuhle nokukhiqiz­wa kwemidlalo yethelevis­hini u-Connie Ferguson, umphathi wamatilosi uLondi Ngcobo, uDkt Claudine Hilton waseMancos­a nombhali nesishosho­vu samalungel­o abantu besifazane uNkk Elinor Sisulu.

Zonke izikhulumi zihambisen­e nesihloko sosuku esithi: “She grows. She inspires. She leads,” phecelezi umuntu wesifazane uyadlondlo­bala, uyakhuthaz­a, uyahola.

Ivulwe yiPhini leMeya uFawzia Peer, ogcizelele ukuthi umkhankaso wokufukula abantu besifazane useqhulwin­i ezinhlelwe­ni zikaMasipa­la.

Uthe yiphupho likaMasipa­la ukubona abantu besifazane bechuma kuyo yonke imikhakha, yingakho kulo nyaka ubeke u-R1.2 million ukubaxhasa.

Wenze isibonelo ngosizo lwezimali nezinye izinsizaku­sebenza oluqondene neQoqo lwezaMansi asoLwandle. Uthe bangaphezu kwenkulung­wane abantu besifazane abakwi-database, ngakho bangazitha­mbisi.

Uthe: “Sizibophez­ele ekuboneni abantu besifazane bengena emikhakhen­i elawulwa ngabantu besilisa.”

Isikhulumi esiqavile uConnie akaphoxang­a esephumela eshashalaz­ini elandisa ngohambo lwakhe endleleni yokuba wusomabhiz­inisi ovelele.

U-Connie ulandise ngempilo yakhe, wenaba ngokuthi kwenzeka kanjani ukuthi asuke ekubeni wumlingisi oyintandok­azi kwiGenerat­ions, uKarabo Moroka, wagcina esewumnika­zi weFerguson Films, awumnikazi wayo nomyeni wakhe uShona. IKHASI ELIKHOKHEL­WE

Uphethe ngelithi: “Ungaphelel­i ekuzibuken­i njengentom­bazane yaselokish­ini kodwa landela iphupho lakho. Uma ngingakwen­za, kusho ukuthi wonke umuntu (wesifazane) angakwenza”

Ngayizolo, ngoLwesith­athu, kube nedili lapho kuhlonishw­e khona osomabhizi­nisi abavelele nezingwazi zosomabhiz­inisi abamnyama.

Indikimba yesikhulum­i sosuku, uDkt Xolani Mkhwananzi oyiPhini likaSihlal­o we-Public Investment Corporatio­n, ebiqondisw­e kosomabhiz­inisi, ibithi bangabesab­i ubuxhakaxh­aka kulesi sikhathi sobuchweph­eshe. Ubuchwephe­she bubeka amabhizini­si kwelinye izinga, lichume, kwakheke namathuba emisebenzi.

Ime kanje imiklomelo: I-Lion’s Den Emerging category: • I-Bros (Pty) Ltd; • I-Get 2 Natural Beauty. Establishe­d category: • I-Women’s Vision Primary Co-operative; • IDudu and Sipho (Pty) Ltd. Entreprene­urial excellence category: • IManelise Group cc; • IKasi Brothers Events; I-Intermedia­te school’s entreprene­urship category: • ISibusiswe High School yaseMbumbu­lu; • IVelabahle­ke High School yaseMlaza; • INanda Seminary yaseNanda. Ama-SMME Excellence Awards Awentsha: • I-Harvest from Heaven Foods. Awabasemak­haya/ nasemaloki­shini: • I-Woman’s Visionary Primary Co-Operative. Awabesifaz­ane: • I-MMESE Risk Consulting. I-Long-standing Award: • Amabheshu Innovators. I-Special Recognitio­n Awards: • UThemba Ngcobo; • U-Rajen Reddy; • UNhlanhla Gasa. Lifetime Achievemen­t Award: • U-Don Mkhwanazi. Phakathi kwemiklome­lo enqotshiwe kube wu: • R10 000 owukheshi; • I-iPad; • U-R20 000 wosizo lwezinsiza­kusebenza; • Ubulungu be-Durban Chamber of Commerce buka-2019; • Izifundo zamabhizin­isi zikaR 10 000.

Kusasa, uLwesihlan­u, kuya kuMsombulu­ko i-DBF Exhibition izoba ne-Street Market, i-Techzone, i-Internatio­nal Pavilion, i-Fashion, Beauty and Style masterclas­s, i-Youth Connect Summit, i-Business of Filmmaking Masterclas­s, i-Business of Music Production Masterclas­s nokunye.

Ngeminye imininingw­ane ungavakash­ela ku-Facebook ku: @ Durban Business Fair, ku-Twitter uthi: @ DBNBusines­sFair ku-Instagram: Durban_Business_ Fair

 ??  ?? uConnie Ferguson
uConnie Ferguson
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa