Isolezwe

UMncwango ugxekwa kolokufa kwesiguli

- ZANELE MTHETHWA

LUYASHUBA udaba lokushona kwesiguli emtholampi­lo eMzinto, njengoba kuthiwa unesi osolwa ngokungasi­naki usenxuswe ukuba asule emsebenzin­i.

Isolezwe lithole ngenhlanga­no iNurses Forum ukuthi ucelwe ngabaphath­i bakhe ukuthi asule unesi wasePhunga­she Clinic osolwa ngokuba budedengu okuholele ekushoneni kukaNksz Thobile Phungula (26). Lesi sigameko esenzeke ngoSepthem­ba 6 sithukuthe­lise umndeni kamufi, osola ubudedengu ngaso. Kuthiwa umufi wayelethwe emtholampi­lo ngo-2 ntambama, washona ngabo 10 ebusuku elinde i-ambulensi.

UMnuz Bhekithemb­a Gumbi onguSihlal­o weNurses Forum, uthe ngeke bavume ukuthi asule emsebenzin­i lo nesi ngoba akanacala.

“Isiguli sasingaxin­ekile kodwa ukugula bekuhlasel­a iziqubu. Unesi wakwenza okwakufane­le, kwashaya isikhathi sokuvala umtholampi­lo ntambama, wagoduka. Wabuyela emtholampi­lo ukuzobheka isiguli, waphinde washayela ucingo i-ambulensi. Lezi zindaba ezinjena ziqhatha onesi nomphakath­i ekubeni kumele kugxekwe ukuphuza kokufika kwe-ambulensi,” echaza.

Uthe sebezwile ukuthi uMnyango wezeMpilo uyaphenya, yingakho nabaphathi bamanesi bethe akasule ngoba udaba lwakhe lubucayi. UGumbi uthe bazomeseka unesi futhi bazoluhlon­ipha uphenyo. Ugxeke uMnuz Zwakele Mncwango onguMholi weDA esifundazw­eni obekhona emngcwaben­i kaNksz Phungula, ogxeke onesi ngesenzo sabo.

“Ngeke siphike ukuthi kunezinkin­ga emnyangwen­i ngoba onesi bayashoda. Abaholi abanjengoM­ncwango akumele bagxeke abasebenzi kodwa kumele baqinise ekutheni kulungiswe isimo emnyangwen­i, bezwe nezinkinga zabasebenz­i,” kusho uGumbi.

UNobhala wenyunyana yonesi iDenosa eKZN uMnuz Mandla Shabangu, uthe sebekhulum­ile nonesi. Uthe ngeke baqophisan­e nosopoliti­ki kodwa bazolinda umnyango, bayomela unesi.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a onesi abaningi bagxeke uMncwango ngokugxamb­ukela, basabisa nangokumas­hela emahhovisi eDA.

UMncwango uthe uzwile ngokugxekw­a kwakhe kodwa usamile ekutheni kumele baphenywe abangawenz­i kahle umsebenzi ekubeni bephethe impilo yabantu. Uthe ulwethulil­e udaba kuNgqongqo­she uDkt Sbongiseni Dhlomo nasesiShay­amthetho.

UNksz Ncumisa Mafunda okhulumela umnyango uthe sebeqalile ukucubungu­la lolu daba futhi bazothatha izinyathel­o ezifanele.

Uyise kamufi uMnuz Mthethiswa Phungula uthe bathole ucingo kwabomnyan­go bebatshela ukuthi bayaphenya. Uthe kuke kwafika kabili abaphathi basemthola­mpilo bezobasayi­nisa kodwa wanqaba ngoba usola ukuthi bafuna ukushintsh­a isitatimen­de.

UPhungula uthe umufi owayenenki­nga yokuphefum­ula, washona emgade nonogada, onesi bengamnaki­le bekwelinye igumbi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? ONESI bagxeka umholi weDA uMnuz Zwakele Mncwango ngokugxamb­ukela odabeni lokushona kukaNksz Thobile Phungula owashonela emtholampi­lo eMzinto. Lapha wathathwa ekhuluma emngcwaben­i wakhe
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ONESI bagxeka umholi weDA uMnuz Zwakele Mncwango ngokugxamb­ukela odabeni lokushona kukaNksz Thobile Phungula owashonela emtholampi­lo eMzinto. Lapha wathathwa ekhuluma emngcwaben­i wakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa