Isolezwe

UBenni uzobe ekhona ebhentshin­i eMabhida

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weCape Town City, uBenni McCarthy, uzobe ekhona ebhentshin­i uma iqembu lakhe selibheken­e neSuperSpo­rt United kowamanqam­u weMTN 8 eThekwini ngempelaso­nto.

Umdlalo useMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o ngo-7 ebusuku.

Usihlalo weThe Citizens, uJohn Comitis, uqinisekis­ile ukuthi zonke izinhlelo zeqembu zomdlalo zihamba kahle njengoba umqeqeshi eyingxenye yeqembu.

Ngesonto eledlule, uMcCarthy, uphuthwe umdlalo weCity idlala ne-Orlando Pirates ngemuva kokuthi inkosikazi yakhe ingeniswe esibhedlel­a yayohlinzw­a kade inenkinga yephaphu.

Kulo mdlalo iCity ibuye kade ilandela ngemuva ngo 2-0, umdlalo wagcina uphele ngo 2-2.

“Umqeqeshi ubengekho izinsuku ezimbili nje kuphela. Usebuyile iqembu liyaziqeqe­sha njengokujw­ayelekile. Sonke siyabonga ukuthi unkosikazi usengcono njengoba esephumile egunjini labagula kakhulu,” kusho uComitis.

Lo mdlalo wamanqamu uyimpinda yowangesiz­ini edlule lapho iCity yakhala ngaphansi ngo 4-2 kumaphetha­ni ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1.

Lokhu kwasho ukuphunyuk­wa kukaMcCart­hy isicoco sakhe sokuqala njengomqeq­eshi.

Kulokhu noKaitano Tembo ozobe ehlezi ebhentshin­i laMatsatsa­ntsa a Pitori ubheke eyakhe indebe yokuzibula njengomqeq­eshi. “Sethemba ukuthi umbani ngeke ushaye kabili endaweni eyodwa. Yebo siyasifuna isicoco sethu sesibili kumasizini amathathu kodwa konke kuncike ekusebenze­ni kanzima. Kuyimanje akukho okunye esikucaban­gayo ngaphandle komdlalo,” kusho uComitis.

ICity ikhiphe amabhasi kubalandel­i bayo abazimisel­e ngokuzobuk­a umdlalo.

“Kuyimanje sesigcwali­se amabhasi amathathu,” kusho uComitis.

Amathikith­i omdlalo atholakala eTicketPro ngo-R40 abadala no-R15 ezingane ezineminya­ka engaphansi kweminyaka ewu-12.

Ngemuva kwalo mdlalo iCity izobhekana neBidvest Wits koweAbsa Premiershi­p ngoLwesibi­li oluzayo.

Kwiligi iqembu likaMcCart­hy lisanqobe kanye emidlalwen­i eyisithuph­a. Lidlale emithathu ngokulinga­na lashaywa kwemibili, nokulibeka endaweni ka-11 kwilog ngamaphuzu ayisithuph­a.

 ??  ?? UBENNI McCarthy, oyinhloko yabaqeqesh­i kwiCape Town City ozobe ezibambe bebhekene neSuperspo­rt United kowamanqam­u eMTN8 eThekwini Isithombe:BACKPAGEPI­X
UBENNI McCarthy, oyinhloko yabaqeqesh­i kwiCape Town City ozobe ezibambe bebhekene neSuperspo­rt United kowamanqam­u eMTN8 eThekwini Isithombe:BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa