Isolezwe

Ingwazi negama elisha likamaskan­di

- CHARLES KHUZWAYO

INGWAZI ye-world music uMbuso Khoza isiphakami­se ukuthi kuqhanyukw­e negama lesintu elizosho umculo kamaskandi.

UKhoza, obuye abe ngungoti wolimi lwesiZulu, uthe kufanele kuhlangane izinjulabu­chopho ezingamaZu­lu ziqhamuke negama elizoyihla­ba esikhonkos­ini ngoba elithi maskandi liwumfakel­a.

“Yigama elisuselwe olimini lwabacinde­zeli, isiBhunu. Ngesikhath­i abantu bakithi sebeshiya amakhaya beyosebenz­a emafemini. Kukhona indoda eyafike yathola ukuthi iBhunu lidlala isigingci. Yathi uma ibuza le ndoda ukuthi yini lena edlalwa yiBhunu, lathi Ek Speel Musik (Ngidlala umculo)... Ek Is Musikant (Ngiwumculi). Le ndoda yabe seyizibiza ngomaskand­i.”

UKhoza uthe yize isigingci kungeyona insimbi yomculo edabuka kuleli kodwa umculo kamaskandi owendabuko.

“Kubuhlungu khona ukuthi ezinye izinhlobo zomculo zangaphand­le zinamagama ezibizwa ngawo kodwa owethu usabizwa ngamagama abacindeze­li. Njengoba uhulumeni ekwazi ukuguqula amagama emigwaqo, negama lalo mculo kufanele lishintshw­e.”

Leli khwelo elishaywa nguKhoza lake lashaywa nangomunye umculi kamaskandi wakwaNongo­ma, uLungelo Vilane odume ngelikaNge­lo V, yena waze waphakamis­a ukuthi lo mculo ubizwe ngeNgqayiz­ivele. Nakuba kukhona abahambisa­na naye kodwa abanye abalandeli bamgxeka.

Uthe umculo kamaskandi wasuselwa emculweni wamahubo.

“Amahubo ayehlatshe­lelwa kusukela kusabusa iNkosi uShaka nangezikha­thi zeNkosi uCetshwayo, kwathi uma sekufika ama-missionari­es awuguqula umculo wethu. Nasezingom­eni zezingqala­butho zikamaskan­di uPhuzushuk­ela noMgqashiy­o Ndlovu bewuzwa ukuthi kukhona amahubo.”

UKhoza ubuye waphonsela inselelo izilomo zalo mculo okubalwa kuzo oKhuzani neGcokama Elisha ukuba bakusukume­le ukuqanjwa kabusha komculo kamaskandi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa