Kudutshulwe usomatekisi nomzala wakhe
BASASHAQEKILE abamatekisi ngokubulawa kukasomatekisi odutshulwe amadoda angaziwa enesihlobo sakhe erenki yaseWema.
Kuthiwa uMnuz Sihle Zulu (36) waseNkandla nomzala wakhe uMnuz Quality Sikhakhane (35) bebesemotweni yakhe ngesikhathi kutheleka amadoda angaziwa ededela inhlamvu ebabulala ekuseni emuva kwehora lesithupha izolo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa laba balisa baqale bagibela kwenye itekisi ebisuka eWema babuza ngomunye usomatekisi abathole ukuthi akekho ngaphambi kokuthi babuye bazodubula uZulu noSikhakhane. Kuthiwa uZulu obengusomatekisi ngaphansi kukasoseshini waseDurban Line ahambela eWema nasedolobheni ubenza umsebenzi kasoseshini ngesikhathi ehlaselwa ebulawa nomzala wakhe. Kukholakala ukuthi labalisa bebeyisithupha ngesikhathi befika, abathathu babo badubule uZulu noSikhakhane base bangena ezimotweni bashaya bachitha. Kulesi sigameko kulimale netekisi kaZulu ebishayelwa ngomunye umshayeli wakhe oshayisane nenye imoto ngesikhathi ezama ukubaleka ngesikhathi kudutshulwa. UMnuz Bongani Mhlongo ongumxhumanisi womphakathi nososeshini weDurban Line uthe basashaqekile ngalesi sigameko.
Uthe okwamanje abazi ukuthi yini eholele ekuhlaselweni kukaZulu nesihlobo sakhe njengoba ethe abekho abantu abangazwani nabo nabanezingxabano nabo njengososeshini.
UMhlongo uthe uZulu ubeyilungu likasoseshini kanti ubenza umsebenzi kasoseshini ezoqinisekisa ukuthi umsebenzi uhamba ngendlela njengokujwayelekile ngesikhathi ehlaselwa.
“Sibuhlungu ngokwenzekile ikakhulu njengoba singazi ukuthi lento iqhamuka kuphi. Sinovalo futhi sisathukile ngoba kwenzeke endaweni esithathela kuyona amaphasenja ethu. Sizoqinisa ezokuphepha siphinde sicele namaphoyisa ukuthi asisize,” kusho uMhlongo.
Uthe bafisa engathi amaphoyisa angathi uma ephenya abathole labo abathinteka kulesi sigameko.
Umalume wabo bobabili, uMnuz Xolani Manyoni uthe umndeni ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokubulawa kwabo.
Uthe uZulu ubulawa noSikhakhane nje ubesanda kufika naye emlande emakhaya ngoba ethi ufuna amshayelele enye yamatekisi akhe.
“Ubengithintile wangitshela ukuthi ufike noQuality nokuthi ufuna amshayelele itekisi ngoba ubezothenga enye itekisi. Le tekisi abezoyithenga bekuzobe kungeyesine. Ubengumuntu obephokophele phambili ngempilo,” kusho uManyoni.
Uthe bayafisa engathi bangatholakala labo abathinteka ekubulaweni kwabo bobabili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala lokubulala emuva kwalesi sigameko.