Isolezwe

Linovalo ikhansela okuhlaselw­e umuzi walo yiqulu

- MLUNGISI GUMEDE

LIHLALELE ovalweni ikhansela le-ANC e-ward 59, eVerulam ngemuva kwesigamek­o lapho iqulu labantu okusolwa ukuthi ngamavolon­tiya enhlangano egasele emzini walo afike achitha udoti egcekeni, aphinde ashisa namathayi esangweni ngoLwesibi­li ebusuku.

Ngokusho kwekhansel­a uMnuz Linda Majola, laba bantu bebehlose ukuzoshisa umuzi walo kodwa baphazanyi­swa ukubuya kukagesi. Elandisa ngalesi sigameko uMajola uthe: “Ngithole ukuthi laba bantu bafike lapho kuqhubeka khona uhlelo lokufakwa kocingo esiqiwini bafike bakhuluma nomuntu obheke umsebenzi bamtshela ukuthi bafuna ukuqashwa, wabatshela ukuthi lokho ngeke kuze kwenzeke ngoba abantu abaqashiwe abashintsh­wa kuze kuphele uhlelo, bathe ayikho into abazoyikhu­luma nalo muntu ogade umsebeni, bathi bafuna mina ukuthi ngibonane nabo engakashay­i u-5 ntambama. Bathe uma lokho kungenzeki bazoshisa umuzi wami,” kusho uMajola.

Uthe ucabanga ukuthi laba bantu baphazanyi­swe ukubuya kukagesi obungekho endaweni ukuthi bangakwazi ukushisa umuzi wakhe.

“Kuthiwa kuthe kungabuya ugesi babaleka ngoba bebona sekukhanya,” kusho uMajola.

Uthe isizathu esenza ukuba basabe manje ukuthi akusikho okokuqala ukuthi basatshisw­e ngokuthi bazoshisel­wa umuzi njengoba kuke kwenzeka nangoFebhr­uwari ekuqaleni kwalo nyaka.

UMajola uthe lesi sigameko usibikile emaphoyise­ni aseVerulam.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­ali uLt Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

Elinye lamavolont­iya e-ANC asebenza ohlelweni lokufakwa kocingo esiqiniwin­i elicele ukuthi lingadalul­wa likuqinise­kisile ukuthi abantu abasolwa ngokuhlase­la kwakhansel­a baqale kubona bezofuna umsebenzi ngenkani.

“La maqabane esiwaziyo afike lapha athi afuna umsebenzi, atshelwa ukuthi awukho abe esethi afuna ikhansela. Athe uma lingabonan­i nawo engakashay­i u-5 ntambama azoshisa umuzi walo,” kusho leli volontiya.

USihlalo we-ANC e-ward 59, uMnuz Bongumusa Nciki uthe nakuba enganaso isiqinisek­o ngesigamek­o kodwa uzwile ngaso.

“Ngizamile ukulithint­a ikhansela kodwa ngangalith­ola, nami ngisazwe ngamahlebe­zi okwenzekil­e,” kusho uNciki.

Uphikile ukuthi abantu abenze lesi sigameko ngamavolon­tiiya e-ANC.

“Angikholwa ukuthi kukhona amavolonti­ya enhlangano engenza leyo nto,” kusho uNciki.

 ??  ??
 ?? MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) Isithombe: NQOBILE ?? IKHANSELA le-ANC e-ward 59, eVerulam uMnuz Linda Majola elizibona lingapheph­ile ngemuva kokuhlasel­wa komuzi walo ngabantu abafike bachitha udoti baphinde bashisa namathayi esangweni ngoLwesibi­li ebusuku
MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) Isithombe: NQOBILE IKHANSELA le-ANC e-ward 59, eVerulam uMnuz Linda Majola elizibona lingapheph­ile ngemuva kokuhlasel­wa komuzi walo ngabantu abafike bachitha udoti baphinde bashisa namathayi esangweni ngoLwesibi­li ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa