Isolezwe

Bajika nelanga ngenxa yezitimela

- PHILI MJOLI

YINQWABA yabahlala emahostela abalahleke­lwe yimisebenz­i ngenxa yezitimela ezibafikis­a sekudlule isikhathi emsebenzin­i.

UMnuz Mthembeni Thusi woBunye bamaHostel­a uthe ukufika sekudlule isikhathi emsebenzin­i kungezinye zezinto ezimkhipha ngesango umsebenzi uma esekwenza njalo.

Uthe sekuneminy­aka izitimela zinenkinga yokufika sekudlule isikhathi okuholela ekutheni abantu abangenayo imali yokugibela amatekisi abathembel­e kuzo baphelelwe amatoho.

“Inqwaba yabahlala emahostela abangasase­benzi abathi baxoshwa ngoba befika sekudlule isikhathi okubangelw­a izitimela ezifika sekudlule isikhathi. Uma kunomseben­zi ofika ngemuva kwesikhath­i njalo kuphazamis­eka umkhiqizo, okugcina kuholele ekutheni abaqashi babone ukuthi kungcono bamxoshe. Emahostela sigibela sona isitimela ngoba siseduze futhi sishibhile, kodwa kuyakhatha­za ukuthi isitimela sisilele emuva ngehora, sibe sisazohamb­a kusho ukuthi wena mgibeli uzofika nini?,” Uqhube wathi iPassenger Rail Agency of South Africa (PRASA) kumele ilubhekisi­se udaba lwezitimel­a ezifika sekuhambe isikhathi ngoba abasebenzi kungenye yezinto eziholela ekutheni basuse uthuthuva, zigcine zicekelwe phansi. “Siyakugxek­a ukucekelwe phansi kwezitimel­a kodwa uPRASA nawo awuzinuke amakhwapha ngodaba lokufika sekudlule isikhathi kuyasixosh­isa. Uma lolu daba ungalulung­isi kunamathub­a amaningi okuthi isigameko esifana nesangoLwe­sihlanu siphinde senzeke,” kusho yena.

Usho kanjena ukuhamba kwezitimel­a kusamisiwe KwaZulu-Natal kulandela ukushiswa kwesiteshi sesitimela ngoLwesihl­anu.

Kuthiwa lesi siteshi sathungelw­a ngomlilo ngabagibel­i ababethuku­theliswe ukuthi isitimela sifike sekuhambe isikhathi.

UThusi usho kanjena nje ziyaqhubek­a izigcawu zokubonisa­na ngezokuphe­pha ezihlangan­isa uMnyango wezokuThut­ha KwaZuluNat­al, uPRASA nabagibela isitimela. Isigcawu sayizolo besiseMawe­leni. Kulezi zigcawu kudingidwa ngokuthi ngabe uma zibuya izitimela, abasebenzi bakwaPRASA, ingqalasiz­inda nabagibeli baphephile yini.

UThusi uthe okunye okuyinking­a ukuthi izitimela sezishiyan­a ngehora okusho ukuthi uma kukhona esingafika­nga kuzophela amahora amabili singekho isitimela esifikayo.

Usho kanjena nje uMnuz Zama Nomnganga okhulumela iPRASA KwaZulu-Natal, uthe ingqalasiz­inda nezitimela ezithwala umphakathi sekukudala, okunomthel­ela wokuthi zisilele emuva ngesikhath­i.

“Kwesinye isikhathi kuye kudingeke ukuthi zidluliswe ngasinye ngasinye ngoba ingqalasiz­inda yethu ayikwazi ukulawula izitimela ngobuchwep­heshe ngenxa yobudala bazo,” kusho yena.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa