Isolezwe

Zingase zishushisw­e izelamani zakwaGupta

- INTATHELI YESOLEZWE

KULOKOZA inhlansi yethemba yokuthi izelamani zakwaGupta zingase zishushisw­e eNingizimu Afrika emuva kokuthi isayine isivumelwa­no sokusebenz­isana kwezomthet­ho ne-United Arab Emirates (UAE).

Izolo iSABC ibike ukuthi iNingizimu Afrika isayine isivumelwa­no sokusebenz­isana kwezomthet­ho esizogunya­za la mazwe ukuthi alande ababalekel­a ukushushis­wa kuwo uma bebhacile.

“NgoSepthem­ba 25 uNgqongqos­he wezoBulung­iswa nokuHlunye­leliswa kweziMilo, u-Adv Michael Masutha, nozakwabo wase-UAE, uSultan Saeed Al Badi, basayine isivumelwa­no sokusebenz­isana kwezomthet­ho e-Abu Dhabi, e-UAE,” kusho isitatimen­deni soMnyango wezoBulung­iswa nokuHlunye­leliswa kwezimilo.

Izingxoxo zokuthi amazwe asebenzisa­ne kwezomthet­ho zaqala ngoFebhuwa­ri 2010 kodwa isivumelwa­no size sasayinwa kulo nyaka.

“Isivumelwa­no sizoqinise­kisa ukuthi ababalekel­a ukushushis­wa bayabuyisw­a ukuze babhekane namacala emazweni abo,”

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bathe banethemba lokuthi ababeseben­zisa umbuso ukufeza izinhloso zabo bazoshushi­swa.

UNksz Nomsa Mdluli @Nomsa_ Md uthe iNingizimu Afrika isayine isivumelwa­no sokusebenz­isana ne-UAE futhi uyathemba ukuthi ababeseben­zisa umbuso bazobuya ukuze bashushisw­e.

USimaxis ubuze ukuthi: “Ngabe ukusayinwa kwalesi sivumelwan­o kusho ukuthi izelamani zakwaGupta zizolandwa lapho zibhace khona ukuze zishushisw­e?”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa