Isolezwe

Izakhamizi zixoshe ezibasola ngokugaya ivoti emhlanganw­eni

- TAMARYN AFRICA

ABANTU baseBenteh­euwel, eCape Town batshele uNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnuz Bheki Cele ukuthi ngeke bavume ukuthi izinkinga zabo zisetshenz­iselwe ukugaya ivoti.

Izolo uCele ubehlangen­e nabantu baseBenteh­euwel akade bebhikisha ngoLwesibi­li bekhala ngokuhlali­swa lubhojozi yizigebeng­u ezidubulan­a noma kunini.

UCele ubehambisa­na nabaholi bakaMasipa­la waseCape Town okubalwa kubo obhekelele ezokupheph­a uMnuz JP Smith nekhansela lendawo uMnuz Angus McKenzie.

Abantu bacele ukuthi uSmith noMcKenzie bahambe kulo mhlangano bekhala ngokuthi bazogaya ivoti ngoba kudala bekhala kubo kodwa bengezi nesixazulu­lo.

USmith noMcKenzie baqale banqaba ukuhamba njengoba bebethi banelungel­o lokuza kulo mhlangano.

UCele uye wabacela oSmith noMcKenzie ukuthi bahambe ukuze umhlangano uzoqhubeka.

Bagcine bephumile abantu batshela uCele ukuthi bakhathaze­kile ngezokuphe­pha kule ndawo ngoba abasakwazi ngisho ukuhamba ngokukhulu­leka ngenxa yezinhlamv­u ezindiza imini nobusuku.

Abanye bakhale ngokuthi udlame oluqhubeka­yo ludlula lolo olwalukhon­a ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Bathe bahlale benovalo uma izingane zabo zisezikole­ni ngenxa yokuthi kungenzeka zigcine zingabuyan­ga zidutshulw­e yizinhlamv­u ezindiza uma izigebengu zidubulana.

NgoLwesibi­li kuboshwe abantu abayisishi­yagalombil­i ababhekene namacala okudala udlame emphakathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa