Isolezwe

Kunzima kubasebenz­i abaqhuba iziguli eNgwelezan­e abangaholi­le

- LUNGI LANGA

BATHWELE kanzima abasebenzi bezempilo abaqhuba iziguli asebengene­la enyangeni yesibili bengaholil­e esibhedlel­a saseNgwele­zane.

Kuthiwa laba basebenzi abasebenza ngaphansi kwenkampan­i ezimele eqashwe nguMnyango wezeMpilo bagcine ngoJulayi nonyaka ukuhola emuva kokuthi befakwe phansi kwenkampan­i entsha, iCachat Portering Services. Laba basebenzi benza imisebenzi eyahlukene okubalwa kuyo ukuqhuba iziguli, ukuhambisa amagazi, ukuthatha iziguli esezishoni­le bezisusa emawodini beziyisa emakhazeni esibhedlel­a, ukuhambisa izingubo okulalwa ngazo, bahambisa iziguli uma zidinga ukuyoshaya izithombe nokunye.

Lo msebenzi wonke bawenza bese behola imali enguR1 600 ngenyanga, abagcine ukuyihola ngoJulayi.

Omunye wabasebenz­i ocele ukuthi igama lakhe lingadalul­wa ngoba esabela ukuhlukume­zeka emsebenzin­i uveze ukuthi sebephoqel­eka ukuthi bacele ukudla okudliwa yiziguli ngoba bengenakho emuva. Uthe akufanele engabe badla ukudla okudliwa yiziguli kodwa isimo esesibapho­qa.

“Isimo sibi kakhulu kithina njengoba singaholil­e. Iningi lethu liqashile lapho esihlala khona futhi siyondla ngemali esiyiholay­o. Kunzima njengoba singaholil­e ngoba asikwazi kwenza lutho. Asiyitholi nencazelo ecacile uma sibuza ukuthi kubambe kuphi ukuze sihole,” kusho umsebenzi.

Omunye umsebenzi naye ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe bebezitshe­la ukuthi lesi simo ngesesikha­shana esincane nokuthi siyalungis­wa kodwa manje sebephelel­wa yithemba njengoba sekungenel­a enyangeni yesibili bengaholil­e.

Abasebenzi bakhale ngokuthi abanayo inyunyana njengoba bengavumel­ekile ukuthi babe ngaphansi kwenyunyan­a, ngenxa yalokhu abanabo abantu abangabame­la kule nkinga ababhekene nayo.

Umphathi wenkampani eqashe laba basebenzi, uMnuz Sibongakon­ke Shongwe uthe uyazi ngokungakh­okhelwa kwabaseben­zi.

Uthe ubachazeli­le ukuthi ubengakakh­okhelwa nguMnyango wezeMpilo nokuthi uthenjiswe ukuthi uzokhokhel­wa maduzane. Uthe kulindelek­e ukuthi abasebenzi bahole ekupheleni kwale nyanga.

Unxuse abasebenzi ukuthi bambekezel­ele aze ahole.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN, uNksz Ncumisa Mafunda uthe: “UMnyango uyaye uqashe izinkampan­i ezizimele ukuba zenze imisebenzi ethile, okubalwa kuwo owokuhlanz­a izikhungo zezempilo. Lezi zinkampani ziziqashel­a zona abasebenzi futhi kuwumseben­zi wazo ukuba zibaholele ngesikhath­i esifanele.

“Umnyango ungakuqini­sekisa ukuthi uyikhokhel­ile inkampani ngesikhath­i esifanele. Futhi ngaphambi kokuthintw­a yiphephand­aba, umnyango ubungazi ngodaba olubandaka­nya abasebenzi nemibiko yokungahol­i kwabo.

“Uma inkampani idinga ukulekelel­wa ngezinto ezingayisi­za igweme lokhu okuthiwa kwenzekile, izandla zomnyango zivuleleki­le.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? OBAMBE esomphathi wasenyuves­i yaKwaZul-Natal uSolwazi Nana Poku ozolawula kuze kutholakal­e umphathi omusha
Isithombe: SITHUNYELW­E OBAMBE esomphathi wasenyuves­i yaKwaZul-Natal uSolwazi Nana Poku ozolawula kuze kutholakal­e umphathi omusha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa