Isolezwe

Udayise izinkomo esungula iqembu

- INTATHELI YESOLEZWE

UTHWELE kanzima umholi weqembu lepolitiki elihlubuke kuNFP, okudingeke adayise izinkomo emakhaya KwaNongoma ukuze akwazi ukuliqala.

UMnuz Bheki Gumbi weNational People’s Front (NPF), ukusho lokhu ebalisa ngezinsolo ezenziwa abanye abaholi beNFP, abathi iqembu lakhe liqalwe ngemali yenhlangan­o yabo.

“Ngicela ukucacisa ukuthi iNPF ayiqalwang­a ngezithuku­thuku zobugebeng­u kodwa kube yimi engidayise izinkomo emakhaya ukuze sikwazi ukuqala iqembu lethu. Ngikhuluma njengoba ebhange kulezi zinyanga ezedlule besinemali engadluli ngisho kuR4 000. Namanje asimfuni umuntu oza nemali ezosifaka ezinkingen­i ngoba sisebenzis­e nabantu abanombono ngeNingizi­mu Afrika engenayo inkohlakal­o,” kusho uGumbi.

UGumbi uke wabamba ekubeni usihlalo weNFP ngaphambi kokubangis­ana wayilaxaza.

Ukusho lokhu nje ngoJulayi omunye wabaholi beNFP, uMnuz Ericson Zungu waveza ukuthi inhlangano yabo ayinamali ngoba ithathwe uMnuz Vikizitha Mlotshwa wayifaka eqenjini likaGumbi.

“Sonke siyazi ukuthi uGumbi akanamali ngakho kuyasicace­la ukuthi neqembu lezombusaz­we aliqalile ulekelelwe uMlotshwa. Kumanje iNFP inamahhovi­si avaliwe njengelami eliseNewca­stle ngoba izimali azikho,” kusho uZungu.

UMlotshwa ukuchithil­e lokho, wathi usola sengathi uZungu uphazamise­kile emqondweni.

“Ngiyasola ukuthi uZungu njengoba ebegula, akakalulam­i kahle yikho evele ahheme akhulume izinto ezingekho.

Ucabanga ukuthi ngingathi ngihola iNFP bese ngiphinde ngibhekane nezinye izinhlanga­no.

Okokuqala yimi engaphumel­a obala ngagxeka uGumbi nenhlangan­o yakhe. Ngasho ukuthi umlilo wamaphepha lona,” kuchaza uMlotshwa.

Uthe ihhovisi likaZungu eliseNewca­stle balivala ngoba bexakwe ukuthi uyivila.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa