Isolezwe

I-ANC nesiphakam­iso ngamathend­a

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC KwaZulu-Natal ifuna kuqiniswe uhlelo lokukhishw­a kwemiseben­zi kuhulumeni olwaziwa ngamathend­a njengoba nombiko wekhomishi­ni ebiphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki kulesi sifundazwe ibalule amathenda njengenye yezimbange­la zokubulawa kwabaholi.

Le nhlangano iyalele uNdunankul­u wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu ukuthi ajube umgcinimaf­a ukuthi abuke lapho kungaqinis­wa khona endabeni yamathenda.

UNobhala we-ANC esifundazw­eni uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe bafuna ukwazi ukuthi ikuphi okumele kwenziwe ukuqinisa ukukhishwa kwamathend­a.

“Sikhathaze­kile ngodaba lwamathend­a yingakho sinxuse uNdunankul­u ukuthi asebenzisa­ne nomgcinima­fa kutholakal­e lapho kuxega khona. Kumele kuqiniswe ngoba nombiko kaMoerane uyibalulil­e eyamathend­a,” kusho uNtuli.

UNtuli, obekhuluma esithangam­ini sabezindab­a eThekwini izolo uthe baqoke ithimba elizoseben­za indaba yalo mbiko ukuze liqhamuke nezinto okumele zenzeke.

Leli thimba liholwa ngokhulume­la le nhlangano esifundazw­eni uNkk Nomagugu Simelane-Zulu kanti abanye abaholi abangamalu­ngu alo kubalwa uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuphepha uMnuz Mxolisi Kaunda, uMnuz Bheki Ntuli, uMnuz John Jeffreys noMnuz Cyril Xaba kanjalo noNkk Nonhlanhla Khoza.

“Leli thimba lizophuma nomkhomban­dlela wezinto okumele sizenze. Uma liphakamis­a ukuthi kumele kwenziwe okuthile kumuntu we-ANC othinteka kulo mbiko siyokwenza njengoba lisho.”

Uthe umbiko wekaMoeran­e uzothulwa ekomitini elibheka ukusebenza kwansuku zonke le-ANC.

Kuzokhumbu­leka ukuthi le nhlangano iyona eyanxusa uMchunu ukuthi asungule ikhomishin­i kulandela ukufa kwabaholi abahlukene bamaqembu ezepolitik­i.

UNtuli ubonge abafakaze kule khomishini wathi uyazi kwabanye kuvuke amanxeba neminjunju esiyadlula.

Unxuse ukuthi namanye amaqembu enze okufanayo ne-ANC athathele izinyathel­o ezinqala labo abathintek­a emacaleni obugebengu.

Ushayele ihlombe amaphoyisa abophe abasolwa emacaleni ahlukene okubulawa kwabaholi bezepoliti­ki kubalwa nabale nhlangano.

“Ezinyangen­i ezimbili ezedlule kuboshwe abasolwa abangu-28 ngamacala ehlukene athinta ukusocongw­a kosopoliti­ki. Kuboshwe nababulala uMnuz Sindiso Magaqa noMnuz Musawenkos­i Mchunu.”

Uphawule nangecala elibhekene noNobhala waseGenera­l Gizenga (KwaDukuza) uMnuz Musa Zondi wathi bazolinda umthetho bese belandela imigudu yangaphaka­thi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa