Isolezwe

Selukhishi­we uhlu lwabazoklo­nyeliswa

- FANELESIBO­NGE BENGU

SELUKHISHI­WE uhlu lwabaculi nosomabhiz­inisi abasethube­ni lokuchonyw­a uphaphe lwegwalagw­ala emiklomelw­eni amaUlundi Entertainm­ent and Business Awards azoba seHlathini kule ndawo ngoDisemba 9.

Le miklomelo ibanjwa minyaka yonke kanti kulo nyaka kuzoba ngokwesith­athu ikhona.

Omunye wabasungul­i bayo uSiyabonga Masuku wenkampani iLasya Events, uthe inhloso yemiklomel­o yabo wukuhlonip­ha abenza kahle emikhakhen­i eyahlukene.

“Isifiso sethu ukugqugquz­ela abenza kahle ngokuthi noma bengafikan­ga mhlawumbe ezingeni lomhlaba kodwa siyabakhom­bisa ukuthi umsebenzi wabo uyabonakal­a ngasekhaya,” kusho uSiyabonga.

Uthe banomunxa lapho bevulele khona abavela esifundeni iZululand.

“Ngonyaka ozayo sifuna ukuthi akhule abe yimiklomel­o yesifunda sonke. Okuhle wukuthi asizikheth­eli thina abanqobayo kodwa kuba ngabantu ngoba kuyavotwa,” kusho uSiyabonga.

Uthe abantu bathumela amavoti ngamaSMS futhi ukuvota kuzovalwa ngoDisemba 7 bese abanqobile bemenyezel­wa emcimbini ongoDisemb­a 8. Uhlu lwabaqokiw­e lumi kanje: Best DJ Local: Mzwah, Tigua, Leendsoul, Max Da Casa, Selector, StitinyaSt­iqa, Mbeeh, Phikzin, Lace, Riza, Ndux, PhilaSossa, Pvee, Mzie, Sbonelo Da DJ, Cbo Best DJ Representi­ng: Blaqspear, Lindani, Cheff de Soul, LeNqobzin, Chofy, Sompie, Intro Q, Facebuk, Sky

Connect Award: SahnoRah, XBoy, Mthaby, La Qtee M, Thulas, Mjutty, Sosa TheSource, Lang Man, Max OV

Youth Owned Business: Pencil Clothing, Nonos Kitchen, Intaka Images, Zano Fragrances, Salties, Star Mobile Bar, Corner Car Wash, Butlezy Caterers, Glandu

Best Youth Owned Salon: Yadah Salon, Sandiles Salon, Maqomas Salon, Nkules Salon, Ntiyos Salon, My Nunu& Beauty Salon

Best Event: All White Easter Edition, Ceza Vibe, Fasiteki, Iyoke Sundays

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa