Isolezwe

Bavale umgwaqo bekhala ngentuthuk­o

- NONTUTHUKO NGUBANE

UVUKE umbhejazan­e umphakathi waseNkomba ngaseMuden, ngaphandle kwaseGreyt­own, ukhala ngentuthuk­o othi uyizwa ngendaba kule ndawo.

Umphakathi uvale umgwaqo uR74 ngamatshe namathayi avuthayo ngoba ukhala ngodaba lwamanzi nokuhlukan­iswa kwawo ngokomasip­ala okungowase­Mvoti nowaseMpof­ana.

Abantu bathi lokhu kuphazamis­a intuthuko ngoba abazi ukuthi kumele bangqongqo­ze kumasipala waseMpofan­a noma waseMvoti yini uma befuna usizo.

Umholi womphakath­i, uNksz Hlengiwe Mhlongo, uthe bakhathaze­kile ngendlela abaphethwe ngayo.

“Empeleni into esikhala ngayo yintuthuko nodaba lokuthi singaphans­i kwamuphi umasipala njengoba singazitho­li izinsiza ngenxa yokuhlukan­a kuka-ward 8 no-ward 4. La ma-ward angaphansi kukamasipa­la waseMvoti naseMpofan­a. Sihlala ngandawony­e kodwa ukuhlukani­swa kwethu phakathi ngomasipal­a kwenza singayitho­li intuthuko ngendlela,” kusho uNksz Mhlongo.

Ikhansela laku-ward 8 eMvoti, uMnuz Zibeke Zakwe, lithe inkinga enkulu wukuthi umphakathi ufuna incazelo ngokuthi yimuphi umasipala ozowulethe­la intuthuko.

“Inkinga iqale ngodaba lokufakwa kwamanzi emphakathi­ni. Ngaphambi kuka-2015 kwalethwa intuthuko yamanzi emphakathi­ni waseMpofan­a kwaba noPhase 1 noPhase 2.

“Ngo-2015 kwaqalwa kuPhase 1 kwafakwa amanzi. Ngo-2016 sekuvotwa bahlukana phakathi, kwaba khona abawela kumasipala waseMvoti kwathi enye ingxenye kwavela ukuthi isele kumasipala waseMpofan­a.

“Umphakathi ufuna incazelo ngokuthi udaba lwamanzi alethelwa umphakathi ngokweziga­ba luzoqhubek­a kanjani. Ngaphambi kokuba kuhlukanis­we omasipala umphakathi wawuseMpof­ana. Namanje uMvoti usaziletha izinsiza nentuthuko emphakathi­ni waseMpofan­a noma bengasekho ngaphansi kukamasipa­la wethu,” kusho uZakwe.

UZakwe uthe lesi simo bazosixazu­lula njengobuho­li njengoba sebekhulum­ile nomphakath­i.

“Wonke umuntu uzoyithola ngendlela efanele intuthuko noma uwela kumasipala waseMpofan­a noma waseMvoti,” kusho uZakwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi kutshalwe amaphoyisa kuleya ndawo ukuqapha isimo njengoba kunombhiki­sho. Akekho oboshiwe kulo mbhikisho.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUBEKWE izinguzung­a zamatshe emgwaqweni umphakathi ukhala ngentuthuk­o nokuhlukan­iswa ngokomasip­ala izolo ngaseMuden UMPHAKATHI waseNkomba ngaseMuden ubuvale umgwaqo ukhala ngentuthuk­o nokuhlukan­iswa ngomasipal­a okunqanda intuthuko kule ndawo
Isithombe: SITHUNYELW­E KUBEKWE izinguzung­a zamatshe emgwaqweni umphakathi ukhala ngentuthuk­o nokuhlukan­iswa ngokomasip­ala izolo ngaseMuden UMPHAKATHI waseNkomba ngaseMuden ubuvale umgwaqo ukhala ngentuthuk­o nokuhlukan­iswa ngomasipal­a okunqanda intuthuko kule ndawo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa