Umyeni wami akathembekile kodwa ngisesaba ukumshiya
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngineminyaka ewu-24, umyeni wami uneminyaka ewu-26. Sineminyaka emine sishadile kanti sibusiswe ngendodana eyodwa eneminyaka emibili.
Umyeni wami ngamfica evele esenomntwana oyedwa ngaphandle kodwa waphinda wathola omunye emva kokuthi sesishadile kodwa ngamxolela saqhubeka nomshado wethu ngoba wathi sebehlukene nomama wengane.
Sengimbambe kaningi nomama wengane yesibili angaphiki, avele axolise kuphelele lapho.
Sekube khona isikhathi lapho ake wanyamalala cishe izinsuku ezimbili ngingamazi ukuthi ukuphi wabuya ekhaya waxolisa ngokungangitsheli ukuthi ubeyephi.
Uma ngiphenya ngathola ukuthi sekukhona omunye umuntu wesifazane asehlangene naye.
Sengikhathele ukuphila le mpilo, sengicabanga ngisho ukuhlukanisa naye kodwa manje nginovalo lokuthi vele wonke amadoda awathembekile.
Ukushiya lo kuzochaza ukuthi ngizohlangana nomunye naye ongeke athembeke kumina ngakho ukumshiya akuzongisiza ngalutho.
Igama Ligodliwe. Impendulo: Akulona neze iqiniso ukuthi wonke amadoda akathembekile.
Ube neshwa nje lokuhlangana nabangathembekile.
Umyeni wakho ukhombisa ukungakuhloniphi njengonkosikazi wakhe.
Akekho umuntu oqhubeka nokwenza into efanayo nangemuva kokuxolisa izikhathi ezingaka.
Angasho ukuthi wayenze iphutha okokuqala kodwa okwesibili usenza ngamabomu.
Asikuphathi okokunyamalala ekhaya izinsuku ezingaka. Kumele aphumele obala ngokuthi usazimisele yini ukuba kulo mshado.
Kuyenzeka abanye abantu bashade kade bebengakulungeli ukushada ngoba umshado udinga umuntu osekhulile ngomqondo futhi ozimisele ukuthembeka kulo ashade naye impilo yakhe yonke.
Uma umyeni wakho engazimisele ukwenza lokho kuchaza ukuthi akakakulungeli neze ukushada futhi akukho ongakwenza kuze kube yena uyashintsha.
Ungalinge uzisole wena ngokwenza kwakhe.
Uyena ongathembekile futhi uyena ongawuhloniphi umshado wakhe.
Akacacise ukuthi kahle kahle ufunani empilweni. Umbuzo: Sineminyaka eyisikhombisa sithandana nesoka lami.
Inkinga engibhekene nayo wukuthi isoka lami liphuma lingena kulobu budlelwane bethu, siyehlukana liphinde libuyele kimina noma inini uma selithanda.
Lo muntu uvele anyamalale angaphenduli izingcingo aze abuye sekuthanda yena.
Kwezinye izikhathi kumthatha izinyanga eziyisithupha kuya kunyaka ukubuyela kumina lapho mina kumele ngimlinde ngoba ngisuke ngingazi ukuthi uyobuya nini noma uzoziphendula nini izincingo zami.
Le nto yaqala ezinyangeni eziyisishiyagalombili sithandene waze wabuya emva konyaka, waphinda futhi wanyamalala emva kwezinyangana sibuyelene.
Njalo nje ngiyamxolela uma esebuya ngoba uvele angitshele ukuthi bekushoniwe kubo ngakho basazilile nomndeni wakho.
Okungixaka kakhulu wukuthi uma ebuya kusuke kukhona akudingayo.
Uma engadingi imoto usuke eboleka imali.
Angisazi ngempela ukuthi ngenzenjani nokuthi kungani ngihlale ngimxolela uma esebuya empilweni yami.
Miningi le minyaka ngingakwazi ukuqhubeka nempilo yami ngenxa yakhe. Ngenzenjani? Thando, eHarrismith Impendulo: Isoka lakho lijwayele ukukwenza loku futhi kumlungele ngakho uyazi ukuthi uciphizaphi ukuze wena umkholwe.
Ukhombisa ngokusobala ukuthi akazimisele ukuba kulobu budlelwane ngakho nawe musa ukuzichithela isikhathi engabe usichitha ngomuntu okuthandayo futhi ozimisele ngawe.
Sinesiqiniseko sokuthi isoka lakho kukhona lapho lichitha khona isikhathi salo.
Wena nje ungumuntu abuyela kuyena uma kukhona akufunayo njengoba usho nawe.
Kungani angakutsheli uma kushoniwe kubo kodwa akutshele emva kwendaba njalo.
Iminyaka eyisikhombisa miningi kabi, kumele engabe usuyazana nomndeni wakhe ukuze ube khona nawe uma kushoniwe.
Ufaka ngisho impilo yakho engcupheni ngokuqhubeka nalobu budlelwane ngoba awazi ukuthi wenzani uma engekho kuwena.
Kungenzeka ukuthi yena uziqhubekela nempilo yakhe lapho wena usuzozithola uhlangana nezifo.
Kubalulekile ukuthi uthathe isinqumo ngalobu budlelwane benu.
Wena kukusizaphi ukuthandana nomuntu okhombisa ngokusobala ukuthi akazimisele ngawe?
Phuma uphele empilweni yalo muntu.
Uyomthola ngelinye ilanga umuntu ozokuthanda ngenhliziyo yakhe yonke futhi akuhloniphe njengomuntu athandana naye.