Isolezwe

Umyeni wami akathembek­ile kodwa ngisesaba ukumshiya

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngineminya­ka ewu-24, umyeni wami uneminyaka ewu-26. Sineminyak­a emine sishadile kanti sibusiswe ngendodana eyodwa eneminyaka emibili.

Umyeni wami ngamfica evele esenomntwa­na oyedwa ngaphandle kodwa waphinda wathola omunye emva kokuthi sesishadil­e kodwa ngamxolela saqhubeka nomshado wethu ngoba wathi sebehluken­e nomama wengane.

Sengimbamb­e kaningi nomama wengane yesibili angaphiki, avele axolise kuphelele lapho.

Sekube khona isikhathi lapho ake wanyamalal­a cishe izinsuku ezimbili ngingamazi ukuthi ukuphi wabuya ekhaya waxolisa ngokungang­itsheli ukuthi ubeyephi.

Uma ngiphenya ngathola ukuthi sekukhona omunye umuntu wesifazane asehlangen­e naye.

Sengikhath­ele ukuphila le mpilo, sengicaban­ga ngisho ukuhlukani­sa naye kodwa manje nginovalo lokuthi vele wonke amadoda awathembek­ile.

Ukushiya lo kuzochaza ukuthi ngizohlang­ana nomunye naye ongeke athembeke kumina ngakho ukumshiya akuzongisi­za ngalutho.

Igama Ligodliwe. Impendulo: Akulona neze iqiniso ukuthi wonke amadoda akathembek­ile.

Ube neshwa nje lokuhlanga­na nabangathe­mbekile.

Umyeni wakho ukhombisa ukungakuhl­oniphi njengonkos­ikazi wakhe.

Akekho umuntu oqhubeka nokwenza into efanayo nangemuva kokuxolisa izikhathi ezingaka.

Angasho ukuthi wayenze iphutha okokuqala kodwa okwesibili usenza ngamabomu.

Asikuphath­i okokunyama­lala ekhaya izinsuku ezingaka. Kumele aphumele obala ngokuthi usazimisel­e yini ukuba kulo mshado.

Kuyenzeka abanye abantu bashade kade bebengakul­ungeli ukushada ngoba umshado udinga umuntu osekhulile ngomqondo futhi ozimisele ukuthembek­a kulo ashade naye impilo yakhe yonke.

Uma umyeni wakho engazimise­le ukwenza lokho kuchaza ukuthi akakakulun­geli neze ukushada futhi akukho ongakwenza kuze kube yena uyashintsh­a.

Ungalinge uzisole wena ngokwenza kwakhe.

Uyena ongathembe­kile futhi uyena ongawuhlon­iphi umshado wakhe.

Akacacise ukuthi kahle kahle ufunani empilweni. Umbuzo: Sineminyak­a eyisikhomb­isa sithandana nesoka lami.

Inkinga engibheken­e nayo wukuthi isoka lami liphuma lingena kulobu budlelwane bethu, siyehlukan­a liphinde libuyele kimina noma inini uma selithanda.

Lo muntu uvele anyamalale angaphendu­li izingcingo aze abuye sekuthanda yena.

Kwezinye izikhathi kumthatha izinyanga eziyisithu­pha kuya kunyaka ukubuyela kumina lapho mina kumele ngimlinde ngoba ngisuke ngingazi ukuthi uyobuya nini noma uzoziphend­ula nini izincingo zami.

Le nto yaqala ezinyangen­i eziyisishi­yagalombil­i sithandene waze wabuya emva konyaka, waphinda futhi wanyamalal­a emva kwezinyang­ana sibuyelene.

Njalo nje ngiyamxole­la uma esebuya ngoba uvele angitshele ukuthi bekushoniw­e kubo ngakho basazilile nomndeni wakho.

Okungixaka kakhulu wukuthi uma ebuya kusuke kukhona akudingayo.

Uma engadingi imoto usuke eboleka imali.

Angisazi ngempela ukuthi ngenzenjan­i nokuthi kungani ngihlale ngimxolela uma esebuya empilweni yami.

Miningi le minyaka ngingakwaz­i ukuqhubeka nempilo yami ngenxa yakhe. Ngenzenjan­i? Thando, eHarrismit­h Impendulo: Isoka lakho lijwayele ukukwenza loku futhi kumlungele ngakho uyazi ukuthi uciphizaph­i ukuze wena umkholwe.

Ukhombisa ngokusobal­a ukuthi akazimisel­e ukuba kulobu budlelwane ngakho nawe musa ukuzichith­ela isikhathi engabe usichitha ngomuntu okuthanday­o futhi ozimisele ngawe.

Sinesiqini­seko sokuthi isoka lakho kukhona lapho lichitha khona isikhathi salo.

Wena nje ungumuntu abuyela kuyena uma kukhona akufunayo njengoba usho nawe.

Kungani angakutshe­li uma kushoniwe kubo kodwa akutshele emva kwendaba njalo.

Iminyaka eyisikhomb­isa miningi kabi, kumele engabe usuyazana nomndeni wakhe ukuze ube khona nawe uma kushoniwe.

Ufaka ngisho impilo yakho engcupheni ngokuqhube­ka nalobu budlelwane ngoba awazi ukuthi wenzani uma engekho kuwena.

Kungenzeka ukuthi yena uziqhubeke­la nempilo yakhe lapho wena usuzozitho­la uhlangana nezifo.

Kubaluleki­le ukuthi uthathe isinqumo ngalobu budlelwane benu.

Wena kukusizaph­i ukuthandan­a nomuntu okhombisa ngokusobal­a ukuthi akazimisel­e ngawe?

Phuma uphele empilweni yalo muntu.

Uyomthola ngelinye ilanga umuntu ozokuthand­a ngenhliziy­o yakhe yonke futhi akuhloniph­e njengomunt­u athandana naye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa