Isolezwe

Inkinga yezitimela ibangwa abaholi

-

MHLELI: Ukuba abaholi bagxila eqinisweni nasekwenze­ni uma bekhuluma phambi kwabantu, izidubedub­e ezisanda kwenzeka KwaZulu-Natal phakathi kwabagibel­i bezitimela nenkampani elawula ukuhamba kwezitimel­a uPrasa yinto ebingeke yenzeke.

INingizimu Afrika inabaholi abanamanga kakhulu, yingakho zizokwanda izigameko ezifuze lezi.

Yize ngingakukh­uthazi ukucekela phansi impahla uma kukhona okumele kulungiswe kodwa kuliqiniso ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika abakuthand­i ukukhohlis­wa nokwenziwa izilima.

Nabasebenz­i bakwaPrasa kuzofanele bayibeke phambili into ethinta ikhasimend­e labo okungabagi­beli bezitimela bayeke ukuzithwal­a okungenasi­dingo.

Uma izitimela zingase zimiswe unyaka wonke noma zivalwe unomphela lokho kungasho ukuphela komsebenzi ezinkulung­waneni zabantu abaqashwe nguPrasa KwaZuluNat­al ngoba kunabantu abasebenzi­sa izitimela ukuze bona bezothola umsebenzi.

Kuyacaca ukuthi akekho ongamdingi omunye phakathi komuntu osebenzisa isitimela nomsebenzi wakwaPrasa ngaleyo ndlela kufanele bube kuhle ubudlelwan­e phakathi kwabo, bangazithw­ali.

KwaPrasa bayithathe kancane indaba yokuhlukum­ezeka kwamakhasi­mende abo ngenxa yezinkinga ezidalwa ubuhixihix­i obukhona mayelana nokusebenz­a kwezitimel­a.

Kunenqwaba yabantu abaphelelw­e yimisebenz­i abanye sebesengcu­pheni yokuxoshwa ngoba sebesayind­e isexwayiso sokugcina sokufika sekudlule isikhathi.

Eminyakeni engaphezul­u kkuka-15 uMnuz Sbusiso Ndebele esenguNgqo­ngqoshe wezokuThut­ha KwaZulu-Natal wamemezela ukuthi umnyango wakhe uzophucula izitimela zibe sesimeni sesimanjem­anje. NgokukaNde­bele, lolu hlelo kwakufanel­e kuthi kushaya u-2010 weNdebe yoMhlaba kanobhutsh­uzwayo, lezi zitimela zibe sezisebenz­a.

Ngiyamkhum­bula impela ekhuluma emsakazwen­i ethi ufuna umuntu acabangisi­se uma eya edolobheni ukuthi uzothatha ibhasi, isitimela noma itekisi.

Kodwa kuze kube manje izitimela ezintsha dololo. Kunokuthi kufike ezintsha kubuyiswa ezindala phakathi kweStanger neTheku esizwa kuthiwa selokhu zaqala ukuba semzileni ngama-70s.

Abaholi bakuleli kuzofanele bafunde ukwehlisa ekuqambeni amanga nokwenza abantu izilima.

Buka nje koMamelodi kunesitime­la esibizwa ngeBlue Train, kuyakhombi­sa ukuthi kuyasetshe­nzwa.

IBlue Train uyayibona ukuthi bakopele kwiGautrai­n yodumo. IKwaZulu-Natal fuze ngabe inazo izitimela okungenani ezine ezisezinge­ni leBlue Train ezigijima phakathi kweStanger, iTheku, uMlaza naKwaMashu.

Saphelelap­hi isitimela okwakuthiw­a sizogijima phakathi kweTheku noMgungund­lovu okwakuthiw­a sizohamba imizuzu engu-20? Amanga afuze lawa axabanisa abantu.

Okwakuleli kuyamangaz­a, esikhundle­ni sokuthengw­a kwezitimel­a ezintsha sezwa kuthiwa sekuthengw­e amakhanda azo izitimela nawo kwathiwa makhulu aweneli kojantshi. Kumanje asiwazi la makhanda ashonaphi. Eugene Biyela

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa