Inkinga yezitimela ibangwa abaholi
MHLELI: Ukuba abaholi bagxila eqinisweni nasekwenzeni uma bekhuluma phambi kwabantu, izidubedube ezisanda kwenzeka KwaZulu-Natal phakathi kwabagibeli bezitimela nenkampani elawula ukuhamba kwezitimela uPrasa yinto ebingeke yenzeke.
INingizimu Afrika inabaholi abanamanga kakhulu, yingakho zizokwanda izigameko ezifuze lezi.
Yize ngingakukhuthazi ukucekela phansi impahla uma kukhona okumele kulungiswe kodwa kuliqiniso ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abakuthandi ukukhohliswa nokwenziwa izilima.
Nabasebenzi bakwaPrasa kuzofanele bayibeke phambili into ethinta ikhasimende labo okungabagibeli bezitimela bayeke ukuzithwala okungenasidingo.
Uma izitimela zingase zimiswe unyaka wonke noma zivalwe unomphela lokho kungasho ukuphela komsebenzi ezinkulungwaneni zabantu abaqashwe nguPrasa KwaZuluNatal ngoba kunabantu abasebenzisa izitimela ukuze bona bezothola umsebenzi.
Kuyacaca ukuthi akekho ongamdingi omunye phakathi komuntu osebenzisa isitimela nomsebenzi wakwaPrasa ngaleyo ndlela kufanele bube kuhle ubudlelwane phakathi kwabo, bangazithwali.
KwaPrasa bayithathe kancane indaba yokuhlukumezeka kwamakhasimende abo ngenxa yezinkinga ezidalwa ubuhixihixi obukhona mayelana nokusebenza kwezitimela.
Kunenqwaba yabantu abaphelelwe yimisebenzi abanye sebesengcupheni yokuxoshwa ngoba sebesayinde isexwayiso sokugcina sokufika sekudlule isikhathi.
Eminyakeni engaphezulu kkuka-15 uMnuz Sbusiso Ndebele esenguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal wamemezela ukuthi umnyango wakhe uzophucula izitimela zibe sesimeni sesimanjemanje. NgokukaNdebele, lolu hlelo kwakufanele kuthi kushaya u-2010 weNdebe yoMhlaba kanobhutshuzwayo, lezi zitimela zibe sezisebenza.
Ngiyamkhumbula impela ekhuluma emsakazweni ethi ufuna umuntu acabangisise uma eya edolobheni ukuthi uzothatha ibhasi, isitimela noma itekisi.
Kodwa kuze kube manje izitimela ezintsha dololo. Kunokuthi kufike ezintsha kubuyiswa ezindala phakathi kweStanger neTheku esizwa kuthiwa selokhu zaqala ukuba semzileni ngama-70s.
Abaholi bakuleli kuzofanele bafunde ukwehlisa ekuqambeni amanga nokwenza abantu izilima.
Buka nje koMamelodi kunesitimela esibizwa ngeBlue Train, kuyakhombisa ukuthi kuyasetshenzwa.
IBlue Train uyayibona ukuthi bakopele kwiGautrain yodumo. IKwaZulu-Natal fuze ngabe inazo izitimela okungenani ezine ezisezingeni leBlue Train ezigijima phakathi kweStanger, iTheku, uMlaza naKwaMashu.
Saphelelaphi isitimela okwakuthiwa sizogijima phakathi kweTheku noMgungundlovu okwakuthiwa sizohamba imizuzu engu-20? Amanga afuze lawa axabanisa abantu.
Okwakuleli kuyamangaza, esikhundleni sokuthengwa kwezitimela ezintsha sezwa kuthiwa sekuthengwe amakhanda azo izitimela nawo kwathiwa makhulu aweneli kojantshi. Kumanje asiwazi la makhanda ashonaphi. Eugene Biyela