Inhlangano yabaqashi icela ukusebenzisana nezinyunyana
INATIONAL Employers Association of South Africa (Neasa) icele izinyunyana ukuba zisebenzisane nabaqashi ukuze kuthuthukiswe umnotho kugwenywe nokudilizwa kwabantu.
Isikhulu esiphezulu seNeasa, uMnuz Gerhard Papenfus sithe njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ethe izinkampani kufanele zenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ayipheli imisebenzi, nezinyunyana kufanele zibe neqhaza.
“Ezinye izinyunyana ezisembonini yensimbi azikunaki okushiwo wuMengameli Cyril Ramaphosa ngoba ziyaqhubeka nokufuna ukuthi kunyuswe amaholo ngemali enkulu. Kufanele izinyunyana zibone ukuthi isimo sinzima ngenxa yokuthi umkhakha wensimbi usudilize abantu abawu-105 000 ngekota yokuqala yonyaka. Uma izinyunyana ziqhubeka nokufuna ukuthi amaholo anyuswe ngo-45% kusho ukuthi kusazoba nzima kubasebenzi,” kusho uPapenfus.
Uthe izinkampani eziningi ezisemkhakheni wensimbi ngezosomabhizinisi abancane futhi eziningi zigcwele eGauteng, kulandele iTheku kugcine iWestern Cape.
“Izinyunyana kufanele zikhumbule ukuthi isimo sinzima kakhulu emadolobheni kunasezindaweni zasemakhaya. Njengoba isimo somnotho singesihle izinkampani ezincane zikuthola kunzima ukuholela abasebenzi ngoba ukuqhuba ibhizinisi kunezindleko eziningi,” kusho uPapenfus.
Uthe sebeneminyaka eyisishiyagalombili bevikela imboni yensimbi kwizinyunyana ezingazwani nokuthi osomabhizinisi abancane bakhule futhi ngeke bayeke manje ngoba bafuna ukuthuthukisa umnotho wezwe.
“Silungiselela ukuya enkantolo ukuze sivimbe izinyunyana ezinomhobholo ekufuneni amaholo abaqashi abangakwazi ukuwakhokha,” kusho uPapenfus.