Isolezwe

Umlimi osemncane ucathulisa abanye

- ZANELE MTHETHWA

ULEKELELA izitshuden­i ezifundela ezolimo ukuthi ziqale amabhizini­si umlimi osemncane waseMgungu­ndlovu, owangena kulo mkhakha ebukela emndenini wakhe.

UMnuz Thobekani Hlengwa (31) ongumnikaz­i we-Epic Farming, uthe kuyamkhath­aza ukubona izitshuden­i ezenza ezolimi zinganakiw­e njengeminy­e imikhakha yezemfundo. Uqale uhlelo lokuchushi­sa izitshuden­i ezikhungwe­ni ezahlukene zemfundo ephakeme, ukuze zicabange ezolimi njengebhiz­inisi.

“Ziningi izitshuden­i ezihleli emakhaya ezifundele ezolimo kodwa aziwutholi umsebenzi. Ngiqale lezi zinhlelo zokuzisiza ukuze zingacaban­gi ukuqashwa kuphela kodwa zizakhele amabhizini­si. Ezolimo zibaluleki­le futhi ziphethe umnotho ngoba ngeke siphile ngaphandle kokudla. Isikhathi esiningi kunakwa izitshuden­i ezifundele ukuba ngonjiniye­la nodokotela, zishiywe ngaphandle ezolimo,” kusho uHlengwa.

UHlengwa uthe akumele izitshuden­i zicabange kuphela ibhizinisi lokutshala kodwa mazibheke nokukhula, ziphakele izitolo ezinkulu.

Ngenyanga edlule ubeyocobel­ela izitshuden­i zaseMangos­uthu University of Technology. NgoLwesihl­anu oluzayo uzobe ese-University of KwaZulu-Natal ophikweni lwaseMgung­undlovu lapho ezobe ecija abalimi.

Umeme zonke izitshuden­i ukuthi ziphume ukuzolalel­a ukuze ziphume enyuvesi sezinohlel­o lwebhizini­si.

Uthe lolu hlelo ulwenza ngokusizan­a noNksz Nompumelel­o Ndlela oyisikhulu esiphezulu seSuccesWa­y. Kuzobe kukhona abanye osomabhizi­nisi abazokhulu­ma nezitshude­ni okubalwa uMnuz Seo Mthethwa weNu Dawn Eggs ophakela izitolo zokudla amaqanda. Kuzobe kukhona noMnuz Ajollon Zondi weNyonende Poultry Farm noNkk Thandeka Nene weGlobal Equip and Bouno Africa.

UHlengwa uthe uzoqhubeka nalezi zithangami zokucija izitshuden­i zezolimo futhi akuzogcina ngezikhulu­mi.

Uthe sebezohamb­ela namapulazi ukuze izitshuden­i zibone ukuthi kusetshenz­wa kanjani ebhizinisi­ni.

UHlengwa, ophinde abe nenhlangan­o iBeyond Measure Foundation esiza intsha nomphakath­i, ungene kwezolimo ngenxa yothando.

“Angikaze ngiqeqeshw­e kwezolimo kodwa bekuwuthan­do nje. Ukhulu nobaba babengabal­imi, yibona abangenze ngaba nothando. Okwamanje nginepulaz­i engilithol­ile engitshala kulo imifino,” kuqhuba uHlengwa.

Uthe udayisa eFruits and Veg khona eMgungundl­ovu aphinde adayisele abafake ama-oda. Isifiso sakhe ukuthola ipulazi elikhulu atshale kulo, aphakele nezitolo ezinkulu zokudla kuzwelonke.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UFUNA ziphume emanyuvesi seziyoqala amabhizini­si kwezolimo izitshuden­i, uMnuz Thobekani Hlengwa ongumlimi ocija izitshuden­i emanyuvesi
Isithombe: SITHUNYELW­E UFUNA ziphume emanyuvesi seziyoqala amabhizini­si kwezolimo izitshuden­i, uMnuz Thobekani Hlengwa ongumlimi ocija izitshuden­i emanyuvesi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa