Isolezwe

Ubona ikhono lingamvule­la iminyango emisakazwe­ni

- FANELESIBO­NGE BENGU

UTHEMBE ikhono lakhe uKholiwe “NtombiyomZ­ulu” Maphumulo ukuthi lizomvulel­a iminyango ebheke emisakazwe­ni emikhulu njengoba esayibambe esiteshini somphakath­i saseMnambi­thi, Inqubeko FM.

UKholiwe (29) odabuka esigodini sakwaHlath­i, wethula uhlelo lukamaskan­di, Ezomdabu, olungena ngo-12 kuya ku-3 ntambama ngoMgqibel­o.

“Noma kunzima ukufinyele­la emisakazwe­ni emikhulu kithina esizinze emakhaya kodwa ngekhono lami ngiyazethe­mba, angizingab­azi ngalo.

“Ngelinye ilanga ngizibona ngifinyele­la empumelelw­eni noma kungelula,” kusho uKholiwe.

Uthe ubukela kakhulu kumsunguli wamaCrown Gospel Music Awards, uZanele LaMbokazi, owayengums­akazi woKhozi FM, okuwumsaka­zo akhule ewulalela futhi elingisela abasakazi bawo.

“Nginesifis­o sokuhlanga­na naye ngincele ulwazi ngoba ngikhonze kakhulu ukubuza ukuze ngandise ulwazi enginalo kwezokusak­aza,” kusho uKholiwe.

Uthe wangena kwiNqubeko FM ngemuva kokwenza inhlolokho­no ngo-2016.

Waqala wethula uhlelo iSiyacobel­elana olungena ngo-7 kuya ku-9 ebusuku ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

“Bangamukel­a kahle nabalandel­i balo ngadlulise­lwa ohlelweni olwalungen­a ngoLwesihl­anu iLate Night Show olugxile kwi-house negqom’. Ngibuye ngibambe uhlelo lwantambam­a ngo-3 kuya ku-6 uma engekho uzakwethu.”

Uthe ngohlelo lwakhe lukamaskan­di uke waqokwa kumaMaz Herbal Awards nakumaKZN Capital Maskandi Awards okuyilapho athola khona izindondo ezimbili zeBest Traditiona­l Radio Presenter neyeBest Traditiona­l Show.

UKholiwe ufunde eLubelo Primary waphothula umatric eSigweje High ngo-2010.

Ube esedlulela eLadysmith TVET College lapho enze khona iFinancial Management ayiphothul­e ngo-2013. Kwabo bayisihlan­u, abazali babo basekhona bobabili.

Ngaphandle kokusakaza uphinde afundise ukushayela esikoleni esisendawe­ni futhi unenkampan­i iKholiwe Maphumulo Foundation ehlela imicimbi.

 ??  ?? UMSAKAZI weNqubeko FM uKholiwe Maphumulo uthi ubheke emisakazwe­ni emikhulu ukuze elandele ezinyathel­weni zabasakazi akhule ebalalela
UMSAKAZI weNqubeko FM uKholiwe Maphumulo uthi ubheke emisakazwe­ni emikhulu ukuze elandele ezinyathel­weni zabasakazi akhule ebalalela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa