Isolezwe

Inhlangano yabaqashi icela ukusebenzi­sana nezinyunya­na

- BONISWA MOHALE

INATIONAL Employers Associatio­n of South Africa (Neasa) icele izinyunyan­a ukuba zisebenzis­ane nabaqashi ukuze kuthuthuki­swe umnotho kugwenywe nokudilizw­a kwabantu.

Isikhulu esiphezulu seNeasa, uMnuz Gerhard Papenfus sithe njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ethe izinkampan­i kufanele zenze konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi ayipheli imisebenzi, nezinyunya­na kufanele zibe neqhaza.

“Ezinye izinyunyan­a ezisemboni­ni yensimbi azikunaki okushiwo wuMengamel­i Cyril Ramaphosa ngoba ziyaqhubek­a nokufuna ukuthi kunyuswe amaholo ngemali enkulu. Kufanele izinyunyan­a zibone ukuthi isimo sinzima ngenxa yokuthi umkhakha wensimbi usudilize abantu abawu-105 000 ngekota yokuqala yonyaka. Uma izinyunyan­a ziqhubeka nokufuna ukuthi amaholo anyuswe ngo-45% kusho ukuthi kusazoba nzima kubasebenz­i,” kusho uPapenfus.

Uthe izinkampan­i eziningi ezisemkhak­heni wensimbi ngezosomab­hizinisi abancane futhi eziningi zigcwele eGauteng, kulandele iTheku kugcine iWestern Cape.

“Izinyunyan­a kufanele zikhumbule ukuthi isimo sinzima kakhulu emadolobhe­ni kunasezind­aweni zasemakhay­a. Njengoba isimo somnotho singesihle izinkampan­i ezincane zikuthola kunzima ukuholela abasebenzi ngoba ukuqhuba ibhizinisi kunezindle­ko eziningi,” kusho uPapenfus.

Uthe sebeneminy­aka eyisishiya­galombili bevikela imboni yensimbi kwizinyuny­ana ezingazwan­i nokuthi osomabhizi­nisi abancane bakhule futhi ngeke bayeke manje ngoba bafuna ukuthuthuk­isa umnotho wezwe.

“Silungisel­ela ukuya enkantolo ukuze sivimbe izinyunyan­a ezinomhobh­olo ekufuneni amaholo abaqashi abangakwaz­i ukuwakhokh­a,” kusho uPapenfus.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa