Umlimi osemncane ucathulisa abanye
ULEKELELA izitshudeni ezifundela ezolimo ukuthi ziqale amabhizinisi umlimi osemncane waseMgungundlovu, owangena kulo mkhakha ebukela emndenini wakhe.
UMnuz Thobekani Hlengwa (31) ongumnikazi we-Epic Farming, uthe kuyamkhathaza ukubona izitshudeni ezenza ezolimi zinganakiwe njengeminye imikhakha yezemfundo. Uqale uhlelo lokuchushisa izitshudeni ezikhungweni ezahlukene zemfundo ephakeme, ukuze zicabange ezolimi njengebhizinisi.
“Ziningi izitshudeni ezihleli emakhaya ezifundele ezolimo kodwa aziwutholi umsebenzi. Ngiqale lezi zinhlelo zokuzisiza ukuze zingacabangi ukuqashwa kuphela kodwa zizakhele amabhizinisi. Ezolimo zibalulekile futhi ziphethe umnotho ngoba ngeke siphile ngaphandle kokudla. Isikhathi esiningi kunakwa izitshudeni ezifundele ukuba ngonjiniyela nodokotela, zishiywe ngaphandle ezolimo,” kusho uHlengwa.
UHlengwa uthe akumele izitshudeni zicabange kuphela ibhizinisi lokutshala kodwa mazibheke nokukhula, ziphakele izitolo ezinkulu.
Ngenyanga edlule ubeyocobelela izitshudeni zaseMangosuthu University of Technology. NgoLwesihlanu oluzayo uzobe ese-University of KwaZulu-Natal ophikweni lwaseMgungundlovu lapho ezobe ecija abalimi.
Umeme zonke izitshudeni ukuthi ziphume ukuzolalela ukuze ziphume enyuvesi sezinohlelo lwebhizinisi.
Uthe lolu hlelo ulwenza ngokusizana noNksz Nompumelelo Ndlela oyisikhulu esiphezulu seSuccesWay. Kuzobe kukhona abanye osomabhizinisi abazokhuluma nezitshudeni okubalwa uMnuz Seo Mthethwa weNu Dawn Eggs ophakela izitolo zokudla amaqanda. Kuzobe kukhona noMnuz Ajollon Zondi weNyonende Poultry Farm noNkk Thandeka Nene weGlobal Equip and Bouno Africa.
UHlengwa uthe uzoqhubeka nalezi zithangami zokucija izitshudeni zezolimo futhi akuzogcina ngezikhulumi.
Uthe sebezohambela namapulazi ukuze izitshudeni zibone ukuthi kusetshenzwa kanjani ebhizinisini.
UHlengwa, ophinde abe nenhlangano iBeyond Measure Foundation esiza intsha nomphakathi, ungene kwezolimo ngenxa yothando.
“Angikaze ngiqeqeshwe kwezolimo kodwa bekuwuthando nje. Ukhulu nobaba babengabalimi, yibona abangenze ngaba nothando. Okwamanje nginepulazi engilitholile engitshala kulo imifino,” kuqhuba uHlengwa.
Uthe udayisa eFruits and Veg khona eMgungundlovu aphinde adayisele abafake ama-oda. Isifiso sakhe ukuthola ipulazi elikhulu atshale kulo, aphakele nezitolo ezinkulu zokudla kuzwelonke.