Bavale umgwaqo bekhala ngentuthuko
UVUKE umbhejazane umphakathi waseNkomba ngaseMuden, ngaphandle kwaseGreytown, ukhala ngentuthuko othi uyizwa ngendaba kule ndawo.
Umphakathi uvale umgwaqo uR74 ngamatshe namathayi avuthayo ngoba ukhala ngodaba lwamanzi nokuhlukaniswa kwawo ngokomasipala okungowaseMvoti nowaseMpofana.
Abantu bathi lokhu kuphazamisa intuthuko ngoba abazi ukuthi kumele bangqongqoze kumasipala waseMpofana noma waseMvoti yini uma befuna usizo.
Umholi womphakathi, uNksz Hlengiwe Mhlongo, uthe bakhathazekile ngendlela abaphethwe ngayo.
“Empeleni into esikhala ngayo yintuthuko nodaba lokuthi singaphansi kwamuphi umasipala njengoba singazitholi izinsiza ngenxa yokuhlukana kuka-ward 8 no-ward 4. La ma-ward angaphansi kukamasipala waseMvoti naseMpofana. Sihlala ngandawonye kodwa ukuhlukaniswa kwethu phakathi ngomasipala kwenza singayitholi intuthuko ngendlela,” kusho uNksz Mhlongo.
Ikhansela laku-ward 8 eMvoti, uMnuz Zibeke Zakwe, lithe inkinga enkulu wukuthi umphakathi ufuna incazelo ngokuthi yimuphi umasipala ozowulethela intuthuko.
“Inkinga iqale ngodaba lokufakwa kwamanzi emphakathini. Ngaphambi kuka-2015 kwalethwa intuthuko yamanzi emphakathini waseMpofana kwaba noPhase 1 noPhase 2.
“Ngo-2015 kwaqalwa kuPhase 1 kwafakwa amanzi. Ngo-2016 sekuvotwa bahlukana phakathi, kwaba khona abawela kumasipala waseMvoti kwathi enye ingxenye kwavela ukuthi isele kumasipala waseMpofana.
“Umphakathi ufuna incazelo ngokuthi udaba lwamanzi alethelwa umphakathi ngokwezigaba luzoqhubeka kanjani. Ngaphambi kokuba kuhlukaniswe omasipala umphakathi wawuseMpofana. Namanje uMvoti usaziletha izinsiza nentuthuko emphakathini waseMpofana noma bengasekho ngaphansi kukamasipala wethu,” kusho uZakwe.
UZakwe uthe lesi simo bazosixazulula njengobuholi njengoba sebekhulumile nomphakathi.
“Wonke umuntu uzoyithola ngendlela efanele intuthuko noma uwela kumasipala waseMpofana noma waseMvoti,” kusho uZakwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kutshalwe amaphoyisa kuleya ndawo ukuqapha isimo njengoba kunombhikisho. Akekho oboshiwe kulo mbhikisho.