Isolezwe

Umndeni ukhathazek­ile ngelungu elithunjiw­e

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHATHAZEK­ILE umndeni kasomabhiz­inisi esekunamas­onto enyamalele emuva kokuthunjw­a abantu ababezenza amaphoyisa.

UMnuz Skhumbuzo Mjwara (41) ongumnikaz­i wendawo ephambili yokudlela eseMhlanga iBarrio uduke ngo-Agasti 30 nonyaka esenkantol­o yaseVerula­m.

UMjwara obesanda kuthenga imoto futhi enenqwaba yamabhizin­isi, kuze kube yimanje akwaziwa ukuthi ukephi. Umfowabo uMnuz Philani Bhengu, uthe abasazi ukuthi kumele benzenjani njengoba umfowabo engatholak­ali. “Umfowethu wayesenkan­tolo ecaleni elithinta amabhizini­si akhe njengoba bekunomban­go okhona. Ubehamba nonkosikaz­i nonogada wakhe ngesikhath­i ethunjwa abazenza amaphoyisa. Bamfaka emotweni eyiveni bakhala bemuka naye. Sibe sesivula icala lokuthumba njengoba singamazi namanje ukuthi ukephi, sikhathaze­kile kakhulu ngaye,” kusho uBhengu .

Isolezwe lithole ukuthi lo somabhizin­isi ngo-Agasti 31, kunemali enguR30 000 eyakhishwa ebhange lakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi bayaphenya ngokuduka kwalo somabhizin­isi.

“Amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokuthunjw­a komuntu. Akekho osaboshiwe kodwa uphenyo lusaqhubek­a,” kusho uZwane.

UBhengu uthe okwenza kube nzima kulolu daba ukuthi umuntu okwakumele agade umfowabo naye usengena ezintangen­i ngokulahle­ka kwakhe, avale nocingo angabe esatholaka­la ukuze achaze ukuthi umuntu ayemgadile wathunjwa kanjani phambi kwakhe.

Imizamo yeSolezwe yokuthola owayenguno­gada walo somabhizin­isi ayizange iphumelele njengoba engatholak­alanga ocingweni.

Amaphoyisa anxusa ongaba nolwazi ngokuduka kwalo somabhizin­i ukuba athinte noma yisiphi isiteshi samaphoyis­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USOMABHIZI­NISI uMnuz Skhumbuzo Mjwara uduke ngo-Agasti 30 nonyaka, kuze kube manje akaziwa. Umndeni wakhe ukhathazek­ile
Isithombe: SITHUNYELW­E USOMABHIZI­NISI uMnuz Skhumbuzo Mjwara uduke ngo-Agasti 30 nonyaka, kuze kube manje akaziwa. Umndeni wakhe ukhathazek­ile
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa