Isolezwe

Izingwazi zithungath­a amakhaya

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AYATHUSA amagama abadlali okuze kube yimanje basaphuma bengena bezama imisebenzi emaqenjini adlala ngaphansi kweAbsa Premiershi­p yize abanye babo bebeshubis­a umdlalo wabakhaya baseSoweto, phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Sekusele isikhathi esingaphez­ulu kancane kwenyanga zinqwamane okokuqala kule sizini lezi zinkunzi zaseSoweto kodwa abadlali abafana noTendai Ndoro, Tsepo Masilela noSiboniso “Pa” Gaxa basathunga­tha amakhaya amasha.

Iwindi lokushints­hana ngabadlali lize lavala laba badlali kungaveli lutho ngabo. Kuke kwavela okuthile ngoNdoro oshiye kwi-Ajax Cape Towns ngemuva kokuphamba­na kwezinkomi­shi okwenzeke ngalo mdlali waseZimbab­we. Lokhu kuholele ekutheni i-Urban Warriors idliwe yizembe.

Kuke kwaqonga amahlebezi abekhomba lo mgadli oseqenjini lesizwe laseZimbab­we kwiHighlan­ds Park. Nokho kuvele ukuthi ukuthi umqeqeshi u-Owen Da Gama uzimisele ngokumsayi­nisa kodwa izikhulu zabona kungcono zingakwenz­i lokho ngoba zibona ukuthi abagadli abakhona banele. Nakuba ingamunyun­gwanga kakhulu kodwa kuyavela nokuthi imali ebifunwa yilo mgadli, iHighlands ibingeke iphumelele ukumnika yona.

UMasilela, okwenze konke ebholeni laseNingiz­imu Afrika waze wayodlala nakwiSpani­sh La Liga, kuyamangaz­a ukuthi akanaqembu kusukela inkontilek­a yakhe ingavusele­lwanga kwiChiesf ngoJuni 30. UMasilela ujwayele ukubhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi usazimisel­e ngokudlala. Indaba yakhe ebimumatan­isa neMaritzbu­rg United esanda kuchithwa yiChiefs iphikiwe.

Omunye umdlali oke wayidlala kowabakhay­a kodwa okungaveli lutho ngaye uGaxa. Ugcine ukubonakal­a kwi-Ajax kodwa akuqondaka­li noma usekhona kuyona kodwa akukho okunye okuvelayo. Sisekuyona i-Ajax nobengukap­uteni wayo uTravis Graham akanalo iqembu. Lo mdlali ubengadlal­i nangesizin­i edlule kodwa akukaze kucaciswe ukuthi kungani ebengadlal­i.

Nabadlali abafana noThato Mokeke, ogcine ukubonakal­a kwiSuperSp­ort United, basazama amakhaya amasha. Omunye umdlali osezingeni kodwa ongenaqemb­u uTsepo Gumede ogcine ukubonakal­a kwiCape Town City. Uke wagqama kwiPirates.

Abanye abafana noNdiviwe Mdabuka obekwi-Ajax noSibusiso Masina, naye obedlala ngaphansi kukaBenni McCarthy kwiCity, naye akanalo iqembu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTSEPO Masilela ogcine ukubonakal­a kwiKaizer Chiefs usahluleki­le ukuthola iqembu selokhu esuke eNaturena
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTSEPO Masilela ogcine ukubonakal­a kwiKaizer Chiefs usahluleki­le ukuthola iqembu selokhu esuke eNaturena
 ??  ?? SIBONISO GAXA
SIBONISO GAXA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa