Isolezwe

Ubhekwe enkundleni obedlala ukulimala

- ZAKHELE XABA

UMGADLI weSuperSpo­rt United, uBradley Grobler, akafuni bakufake emakhanda ukuba sefomini kwabo uma beqhathani­swa neCape Town City abazobheka­na nayo kowamanqam­u weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o.

ISuperSpor­t iyona evikela indebe eyiwine ngesizini edlule ihlula iThe Citizens eMabhida. Kusukela kuqale isizini, Amatsatsan­tsa enza kahle uma kuqhathani­swa nesizini edlule.

Agcine engene ngopotsho kwiTop 8 emuva kwecala le-Ajax Cape Cape Town elithinta umgadli uTendai Ndoro. ICity ayiqalanga kahle kwazise isawine umdlalo owodwa weligi ehlule kuwona iSuperSpor­t kuvulwa isizini.

ISuperSpor­t isalokhu iqhubekile nokuqoqa amaphuzu. Nakuba zonke izinto zibukeka zivuna Amatsatsan­tsa kodwa uGrobler akafuni kubabuse lokhu.

“Iqembu liqale kahle uma uqhathanis­a nendlela esidlale ngayo ngesizini edlule. Sidlale kahle kakhulu kweminye imidlalo. Sifuna ukuvikela indebe yethu. Sijabule ukuya kowamanqam­u kubhekwe thina ukuthi siwine. Kukhombisa ukuthi iqembu lenza kahle nomqeqeshi wenza kahle nabadlali bajabule futhi,” kusho uGrobler.

“Ifomu iyasebenza kodwa emidlalwen­i efana nalena kusafanele sisebenze ngosuku lomdlalo. Bayiqembu elihle elinejuban­e, abadlali beCity bayakuthok­ozela ukudlala nomqeqeshi uyabavumel­a. Imiphumela ayibavumi kodwa baseyiqemb­u elihle. Noma ubani obathatha kancane ngenxa yemiphumel­a yakamuva uzojeza kakhulu. Okwamanje indebe akuyona eyethu, kusafanele singene ekundleni siyisebenz­ele. Siyazethem­ba kodwa hhayi ngokweqile.”

Isizini edlule ayibanga nenjabulo kuGrobler naseqenjin­i lonke ngaphansi komqeqeshi u-Eric Tinkler osule sekukubi, iqembu lingasemsi­leni we-log. Ligcine lisindiswe nguKaitano Tembo.

UTinkler watshela abezindaba ukuthi selokhu afika kwiSuperSp­ort, uGrobler akakaze aziqeqeshe neqembu kuze kuphele isonto ngenxa yokulimala njalo. Nakuba uGrobler eyithwale waze wayifaka kowamanqam­u weMTN8 iSuperSpor­t kodwa ngempelaso­nto akadlalang­a ngesikhath­i ezakhe zithela ngehlazo lika 4-1 iBlack Leopards koweligi. Kuvele ukuthi uphinde wathinteka.

“Kade kubuhlungu ukushaya amagoli, ngilimele, ngiyohlinz­wa bese ngihlala isikhathi ngingadlal­i. Ngithi ngiyabuya, ngiphinde ngilimale, ngihlale izinyanga eziyisikho­mbisa ngizama ukubuyela esikimini. Engizitshe­le khona akukhona ukuthi ngifuna ukuzuza okuthize kule sizini nesibalo samagoli engifuna ukuwashaya. Kodwa ngifuna ukudlala njalo, ngingalima­li.

“Ngesonto eledlule ngizwe ubuhlungu. Ngenxa yerekhodi lami (lokulimala njalo) angifunang­a ukuzibeka engcupheni. Kufanele kunconywe umqeqeshi ngoba uyakuqonda ukuthi ngiphumaph­i nendaba yokulimala. Kade engeseka indlela yonke. Lokho kungiseben­zele, ngicabanga ukuthi kuzongiseb­enzela isizini yonke,” kusho uGrobler.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KUBHEKEKE ukuthi adlale uBradley Grobler uma iSuperSpor­t United isitholana phezulu neCape Towns City emdlalweni wamanqamu weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo-7 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X KUBHEKEKE ukuthi adlale uBradley Grobler uma iSuperSpor­t United isitholana phezulu neCape Towns City emdlalweni wamanqamu weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo-7 ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa