USukazi uncoma ubuholi nekhono likaKomphela
UNCOMA ubuholi obukhonjiswa uSteve “Mphathi” Komphela lowo owayeyimemenja yakhe uTim Sukazi oseneqembu elithi yena eliyibamba kwiNational First Division (NFD) elaziwa nge-TS Galaxy.
USukazi uthe akakaze nakancane akungabaze ukuhlakanipha nesiphiwo sikaKomphela kusuka beqala ukusebenza ndawonye ngaphansi kweQuality Talent Sports ngo-2009.
Lesi sikhulu sithe izingqinamba zangaphakathi kwiKaizer Chiefs ebezibhekene noKomphela eminyakeni emithathu edlule, sezingumlando njengoba manje enza imilingo kwiBloemfontein Celtic ebalwa namaqembu asenza kahle okwamanje kwi-Absa Premiership.
USukazi ukhuluma kanjena nje, iSiwelele sisendaweni yesine kwi-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu awu-13 emidlalweni eyisithupha. USukazi uthe uKomphela ungumholi oqotho, futhi usazogila izimanga ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngisebenze kakhulu noKomphela. Kuyo yonke le minyaka kusuka ngo-2009 angikaze nakancane ngilingabaze ikhono lakhe njengomqeqeshi osezingeni eliphezulu. Lona ngumqeqeshi omuhle kakhulu futhi onekusasa, osazokwenza izinto ebholeni lakuleli,” kusho uSukazi.
Eqhubeka echaza, ube esengena nasodabeni lweChiefs, njengoba uKomphela eshiye kungasekuhle ngasekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokushaywa iFree State Stars ngo 2-0 kowamandulela owamanqamu kwiNedbank Cup owawudlalelwa eThekwini, eMoses Mabhida Stadium.
“UKomphela uthe uma efika kwiCeltic, kwathi konke lokhu abehlangabezana nakho kwiChiefs (okungaba yingcindezi noma izingqinamba) wakudlulisa kwazise amaqembu anendlela ehlukile yokusebenza.
“Kuzokhumbula ukuthi nayo iCeltic inezinkinga zayo ezinkulu kodwa uKomphela ukhombisa ubuholi ngoba yonke le nto eqhubekayo uyayithwala. Ngikhuluma nawe nje, iCeltic ibalwa namaqembu aphezulu kwi-log,” kuchaza uSukazi.
Omunye oseke waphumela obala ngomsebenzi omuhle kaKomphela, umqeqeshi weMaritzburg United, uFadlu Davids osanda kukhala ngezintatheli ngokufaka ingcindezi kulo mqeqeshi esapheka iChiefs.
UDavids uphosele inselelo izintatheli ethi aziphinde zibhale njengoba uKomphela esenza kahle kwiCeltic.
Umdlalo olandelayo weCeltic kwi-Absa Premiership, izowudlala neMamelodi Sundowns ngo-Okthoba 3, eDr Molemela Stadium.