Isolezwe

Ubheke ukuthatha iso likaSolina­s

- ZAKHELE XABA

UGABE ngabakhaya bakhe abazomsiza asheshe ukuzinza kwiKaizer Chiefs ukaputeni weqembu leNedbank Ke Yona, uNkanyiso Nene, obheke ukuthatha iso lomqeqeshi uGiovanni Solinas eNaturena.

UNene, waseMgungu­ndlovu, uyibamba maphakathi emuva. Uzoziqeqes­ha neChiefs inyanga yonke ngenhloso yokuzithol­ela inkontilek­a eqenjini.

Izolo emcimbini obukade useMelrose Arch, eGauteng, abadlali abawu-16 beKe Yona bacazelwe amaqembu e-Absa Premiershi­p. Emuva komdlalo waleli qembu nompetha bangesizin­i edlule, kuqalwe ukuvota lapho abalandeli kade beqoka umdlali abafuna ayofakwa eqenjini labo. Bathathu abadlali baKwaZulu-Natal abebekade beseqenjin­i leKe Yona. ULwazi “Mugabe” Mgwaba waseShowe uzozama inkontilek­a kuMaZulu kuthi uSibonelo Majozi waseMlaza ayojulukel­a indawo esikimini sePolokwan­e City, eLimpopo.

ENaturena, uNene uzoficana nabadlali baseMphith­i okunguDumi­sani Zuma, Philani Zulu noRyan Moon. Abanye baseKZN nguSiphele­le “Stashi” Ntshangase wasoPhongo­lo noSiyabong­a Ngezana waseTholen­i ngaseMnamb­ithi.

“Bengivele ngilindele ukuthi ngizoya kwiChiefs ngoba abantu abaningi bangakithi kade besho ukuthi bafuna ukungisa kuyona. Ngijabule kakhulu ukuyojima neChiefs ngoba iyiqembu elinegama. Inhloso yami manje wukuthola inkontilek­a. Ngizoseben­za kanzima ngilalele abaqeqeshi. Ngikholwa wukuthi uma ngenza kanjalo ngizoyitho­la inkontilek­a,” kusho uNene.

“Okuzongisi­za kakhulu wukuthi kukhona abantu engibaziyo kwiChiefs nokuzongen­za ngisheshe ngijwayele. Sekusezand­leni zomqeqeshi ukuthi yini ayibonayo kimina. Ngibonga kakhulu iNedbank ngakho konke. Sekusezand­leni zethu sonke ukuthi sithole izinkontil­eka emaqenjini.”

UMgwaba, ongumgadli, ozothola ithuba lokuzibona­kalisa kumqeqeshi uCavin Johnson oSuthwini, uthe nakuba ebengathan­da ukuphuma ngaphandle kweKZN kodwa kuyinto enkulu ukuya kuleli qembu.

“Ngijabule kakhulu ukuthi ngiya oSuthwini. Ngiyethemb­a ukuthi bazongamuk­ela ngezandla ezifudumel­e. Inkontilek­a ngizoyitho­la. Ngiyazi ukuthi umqeqeshi weqembu leMDC (Multichoic­e Diski Challenge) uDlamini (Ayanda) kade ewumgadli ngakho kuningi engizokufu­nda kuyena ngaphambi kokuya eqenjini elikhulu,” kusho uMgwaba.

UMajozi uthe: “Njengoba ngangisho ukuthi noma yikuphi lapho ngizoyiswa khona ngizokwamu­kela. Indlela engilambe ngayo futhi njengoba nesimo sasekhaya singesihle, yimina ozoshintsh­a lokho. Ngakho leli thuba ngiyalibon­ga kakhulu. Ngiyazibon­a ngiyithola inkontilek­a.”

Asivile Tim (Highlands Park), Axolile Kapo (Maritzburg United), Buyelekhay­a Velelwandl­e (Bloemfonte­in Celtic), Cameron Paulse (Orlando Pirates), Jeremiah Mathonsi (SuperSport United), Karabo Mookamedi (Mamelodi Sundowns), Lesley Pietersen (Free State Stars), Lunathi Mdatyulwa (Chippa United), Mzikayise Williams (Cape Town City), Sipho Sibiya (Baroka), Tahabo Mogotsi (Black Leopards), Xolela Bonxa (Lamontvill­e Golden Arrows).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa