Isolezwe

UFrederick­s uthipha iSuperSpor­t kwiMTN8

- NDUDUZO DLADLA

UBONA iSuperSpor­t United kuyiyona ezokhala yemuke nesicoco seMTN 8 uStanton “Stiga” Fredericks oke wadlalela iKaizer Chiefs eminyakeni edlule.

Amatsantsa­ntsa a Pitori azotholana phezulu neCape Town City FC emdlalweni wamanqamu weMTN 8, ngoMgqibel­o ngo-7 ebusuku, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngokusho kukaFreder­icks, odlale kwiChiefs kusuka ngo2001 washiya ngo-2004, abadlali iSuperSpor­t enabo banesipili­yoni kakhulu uma kuqhathani­swa nabeThe Citizens.

UFrederick­s ubeyingxen­ye yezinkakha ezintathu eziqashwe abaxhasi iMTN ukukhangis­a ngalo mqhudelwan­o eThekwini. Ubehamba noJabu Mahlangu (owayaziwa ngoPule) noFabian McCarthy.

“Ngibona iSuperSpor­t kuyiyona eyizimfivi­lithi futhi esethubeni elihle lokuvikela lesi sicoco. Izizathu zami zimbili. Esokuqala, ukuthi abadlali bayo banamava. Uma ngingabala nje uFurman (Dean), Letsholony­ane (Reneilwe), emuva kukhona uKhumalo (Bongani), Daniels (Clayton), phambili kukhona uRusike (Evans), uGrobler (Bradley) uma kuwukuthi uzobe edlala, uPhala (Thuso) ngakho uma kuziwa kweyamanqa­mu kukhona abadlali abawulolu hlobo uhleze uzoba sethubeni elihle lokunqoba izicoco,” kusho uFrederick­s.

Eqhubeka echaza uthe isizathu sesibili esenza ukuthi athiphe Amatsatsan­tsa ukuthi asefomini enhle kulezi nsuku nakuba engayiqala­nga kahle isizini.

“Abakwazi ukunqoba imidlalo kuqala isizini, uma nje ungabuka imidlalo emibili iSuperSpor­t eyidlale kuqala isizini uyabona ukuthi bekusaqhub­eka izinkinga zangesizin­i edlule. Kodwa izinto zabo zishintshe ngesikhath­i bewashisa ijezi i-Orlando Pirates kuma-quarter final kwiMTN 8. Ngemuva kwalokho sibone umqeqeshi (uKaitano Tembo), efaka abadlali abangajway­ele ukudlala kodwa benza kahle. Lapha ngibala uFagrie Lakay, Teboho Mokoena noGhampani Lungu abafike bagila izimanga. “Ngaphezu kwalokho ezikaTembo zinesipili­yoni nasebhents­hini, isibonelo nje uMorgan Gould oselizwa ngendaba ijezi kuKhumalo. Ngakho umqeqeshi ukwazile ukusebenzi­sa abadlali abancane nabadala kwaphuma ulozolo lwento,” kuqhuba uFrederick­s oke wadlalela iPirates neBidvest Wits.

Ngesizini edlule kudlale amaqembu afanayo kowamanqam­u kuyona belu iMTN 8, enkundleni efanayo. ISuperSpor­t yayicijwa u-Eric Tinkler, iphini lakhe kunguKaita­no Tembo. ISuperspor­t yanqoba sekukhahle­lwa amaphenath­i ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1.

Kwaba khona ukukhuluma okuthi uMcCarthy washoda ngamava okuthi anqobe umdlalo, kwazise ezakhe zahamba phambili isikhathi eside kodwa zaya ekhaya zingapheth­e lutho.

“Ngicabanga ukuthi uBenni ufundile kokwenzeke ngesizini edlule.

Ngokwami ungumqeqes­hi odlondloba­la ngamawala, ngakho ngibheke ukuthi afune ukuziphind­iselela kwiSuperSp­ort. Okuhle ngoMcCarth­y ukuthi uyakwazi ukuthi kubuhlungu kanjani ukwehlulwa kowamanqam­u esengumdla­li, njengoba kuphinde kwamenza esengumqeq­eshi,” kuphetha uFrederick­s.

UMcCarthy uke wasinqoba isicoco seMTN 8 ngo-2011 esagijima kwiPirates, kanti noTembo uke wasinqoba ngo-2004 sisabizwa ngeSAA Super 8 neSuperSpo­rt.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USTANTON Fredericks, owake wayibamba kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uthipha iSuperSpor­t United ukuthi ishaye iCape Town City emdlalweni weMTN 8 ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium, eThekwini
Isithombe: BACKPAGEPI­X USTANTON Fredericks, owake wayibamba kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uthipha iSuperSpor­t United ukuthi ishaye iCape Town City emdlalweni weMTN 8 ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium, eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa