Isolezwe

Udlisele ogageni eba ngovelele

- LUNGILE MAJOKA

ULOKHU eqhubekile nokuqhakaz­a uBongi Msomi ongukapute­ni weqembu lesizwe le-netball njengoba kulokhu eqokwe waba ngumdlali ovelele wesifazane waKwaZulu-Natal.

Lokhu kwenzeke ngesikhath­i kunomcimbi wokubungaz­a abadlali bakulesi sifundazwe e-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Cetre ngoLwesibi­li ebusuku.

UMsomi (30) udlisele ogageni umdlali weqembu lesizwe lebhola lombhoxo amaSevens, uZinhle Ndawonde noCarmel Billson owenza umdlalo i-lifesaving.

Uthola lo mklomelo ubesetshis­a izindaba zokuthola inkontilek­a entsha neqembu laseEnglan­d iWasps Netball azoqala kuyona ngoJanuwar­i.

Kulo nyaka lo mdlali ongacosi phansi kubalandel­i be-netball ubedlala kwi-Adelaide Thunderbir­ds yase-Australia.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi ngithole inkontilek­a entsha neWasps. Ngesikhath­i kuphela isizini eqenjini (iThunderbi­rds) bebenginik­a inkontilek­a entsha kodwa ngakhetha ukuya kwiWasps,” kusho le ntokazi edabuka eHammarsda­le.

Ngo-2017 udlalile kwiWasps wanqoba isicoco seSuper League nayo ebese kungesesib­ili njengoba ngaphambi kwalokho esinqobe edlala kwiSurrey Storm.

Ephawula ngokunqoba kwakhe umklomelo ovelele ubalule ubunzima ababebheka­na nabo bengabantu besifazane kwezemidla­lo.

“Ngisebenza kanzima ekudlaleni i-netball okuyinto engiyithan­dayo. Lo mklomelo akuwona owami kuphela kodwa owomndeni wami owaziyo lapho engisuka khona namaProtea­s.

Ngisuka kude, ukuhlonish­wa njengomdla­li we-netball kusho lukhulu, ikakhuluka­zi njengoba lo mdlalo usesezinge­ni lama-amesha kuleli. Ngethemba ukuthi maduze uzoba sezingeni elingcono.

“I-KZN yisifundaz­we esikhulu, kuyangijab­ulisa ukuthi kubona bonke abantu bagcine bekhethe mina kwabanye abesifazan­e abenza kahle. Akulula ukuba umdlali wesifazane ukuthi unakwe. Ngiyabahlo­nipha abafinyele­la ezingeni lokuthi bakwazi ukumela izwe,” kusho uMsomi.

Ufike kuleli ngoMsombul­uko ebusuku ephuma ukuyomela izwe kwiQuad Series ebise-Australia, lapho bedlale ne-Australia, New Zealand, ne-England.

Uthe isifiso sakhe wukuthi amaProteas anyukele endaweni yesine emhlabeni.

“Sesiside isikhathi sihleli endaweni yesihlanu. Isifiso sami wukuthi sinyukele endaweni yesine.”

NgoNovemba amaProteas azodlala kwiDiamond Challenge okuwumqhud­elwano wamazwe ase-Afrika.

Ngonyaka ozayo azobe eyibamba kwiNdebe yoMhlaba eLiverpool, e-England ngoJulayi. Eminye imiklomelo ebibhekiwe n Sportman of the Year: Henri Schoeman n Coach of the Year: Fadlu Davids n Team of the Year: Maritzburg United n Newcomer of the Year: Sibusiso Msomi n Sport Personalit­y of the year: Zinhle Ndawonde

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU/ANA ?? UNGQONGQOS­HE weZemidlal­o KwaZulu, uBongi Sithole-Moloi emi noBongiwe Msomi, owine umklomelo noTokozile Xasa, ngesikhath­i kunemiklom­elo iKZN Sport Awards e-ICC, eThekwini ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU/ANA UNGQONGQOS­HE weZemidlal­o KwaZulu, uBongi Sithole-Moloi emi noBongiwe Msomi, owine umklomelo noTokozile Xasa, ngesikhath­i kunemiklom­elo iKZN Sport Awards e-ICC, eThekwini ngoLwesibi­li ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa