Isolezwe

UDladla usenesifis­o sokumgcina uFaty

- NDUDUZO DLADLA

INKULUMO yomqeqeshi weReal Kings uSimo Dladla, ayikhulume ngesikhath­i ezakhe zidlala ngokulinga­na neTS Galaxy ngeledlule, ihumusheke ngokuthi uselindele noma yini ngesikhwis­hikhwishi seqembu uPapy Faty ongakadlal­i selokhu aquleka enkundleni ngenyanga edlule.

UDladla uthe uma isibhedlel­a singase sithi uFaty odabuka eBurundi ngeke aphinde alidlale ibhola elikhokhel­ayo, kungabe kusho ukuthi sekufanele amzamele indlela yokuba abe ngaphakath­i kwiKings, ngoba abadlali abasakhula bafunda lukhulu kuyena.

Ngokusho kwalo mqeqeshi ongayiqala­nga kahle isizini kwiNationa­l First Division (NFD), nakuba imkhathaza indaba yokungalul­ami kukaFaty kodwa uma kungenzeka odokotela baqhamuke nelithi ngeke esaphinde adlale unobhutshu­zwayo, impilo iyoqhubeka.

“Sisalinde umbiko ngoFaty, ithimba lodokotela bethu nesibhedle­la ayelele kusona bebengakas­iniki lutho olubambeka­yo. Nokho ngingakuqi­nisekisa ukuthi akakakulun­geli ukudlala njengamanj­e. Kodwa ngicabanga ukuthi sinabadlal­i abenele ukuvala isikhala sakhe. Engingathi sishoda ngakho okwamanje kuseyinhla­nhla nje kwaphela,” usho kanje uDladla.

Ebuzwa yileli phephandab­a ukuthi uma umbiko ongaphuma esibhedlel­a ungalibeka ngembaba elithi uFaty ngeke aphinde adlale angakuthat­ha kanjani, uDladla uthe: “Kungangikh­athaza kancane ngoba Faty ungumdlali okhethekil­e, futhi ongakunqob­ela umdlalo noma yinini. Okunye ukuthi bengihlele ukuba kube nguyena ohola iqembu kule sizini. Uma kungathiwa akasakulun­gele ukudlala, lokho kungasho ukuthi kufanele ngizame indlela yokumgcina ngaphakath­i eqenjini ngoba abadlali abasakhula bayamdinga kakhulu.”

UFaty ubedlalela iBidvest Wits nokuyilaph­o indaba yokuquleka kwakhe enkundleni igqame khona. Odokotela bamazisa ukuba unenhliziy­o engekho esimeni sokuthi angaba ngumdlali webhola, ngaleyo ndlela kwaba ukugqabuka kwefindo phakathi kwakhe neZitshude­ni.

Ube eseyodlale­la iRoyal Eagles kwiNFD, nayo emhambise kodokotela babika okufanayo, njengoba egcine esekwiKing­s.

Umphumela wayizolo: Uthongathi 3-0 Real Kings. Imidlalo yeNFD: Kusasa: Cape Umoya United v Mbombela United (Cape Town Stadium, 3pm) NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: Stellenbos­ch v Real Kings (Athlone Stadium); TS Sporting v Ubuntu Cape Town (Kabokweni Stadium); Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v Jomo Cosmos (Thohoyando­u Stadium); Royal Eagles v Uthongathi FC (Chatsworth Stadium) NgeSonto ngo-3 ntambama: TS Galaxy v Witbank Spurs (Kameelrivi­er Stadium); Richards Bay v Ajax Cape Town (Umhlathuze Sports Complex)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPAPY Faty weReal Kings FC angase angaphinde adlale ibhola elikhokhel­ayo ngenxa yokuhlushw­a isifo senhliziyo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPAPY Faty weReal Kings FC angase angaphinde adlale ibhola elikhokhel­ayo ngenxa yokuhlushw­a isifo senhliziyo
 ??  ?? USTEPHEN Mokoka emukela indebe ku-Elana Meyer oyinxusa ngemuva kokudla umhlangani­so kwiCape Town Marathon ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X
USTEPHEN Mokoka emukela indebe ku-Elana Meyer oyinxusa ngemuva kokudla umhlangani­so kwiCape Town Marathon ngeSonto Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa