I-Downs isiyizwa ngendaba induku kweyePSL
AKEKHO umdlali onendawo angakwazi ukuyidlala kwiMamelodi Sundowns ngokusho komqeqeshi waleli qembu uPitso “Jingles” Mosimane osekuphele izinsuku ezingaphezulu kweziwu-250 bengayazi induku.
IDowns kuseyiyona yodwa engakashaywa kule sizini ye-Absa Premiership kodwa lokhu akuqali manje, kuqale ngesizini edlule.
Kuze kube yimanje iDowns isendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni yeligi emihlanu kanti isishaye amagoli ayisikhombisa yangenelwa amane.
ISundowns igcine ukuthola induku ngesizini edlule ikhala ngaphansi ngo 3-1 uvela kwiOrlando Pirates ngoJanuwari 13.
Ngesikhathi iDowns inqoba kwiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 ePrincess Magogo lo bese kungumdlalo ka-18 ezikaMosimane zingayazi into okuthiwa induku emidlalweni yeligi. Ike yayithola induku kwiCAF Champions League kanti nakweminye imiqhudelwano yePremier Soccer League (PSL) leli qembu selike laguqiswa. Nokho kweyeligi iyizwa ngendaba induku.
“Akekho umdlali ofika athi yena ukwazi ukudlala indawo eyodwa kwiSundowns. Akekho umdlali ovungamayo uma edlaliswa endaweni angayijwayele kuSundowns. Ngicabanga ukuthi lokhu kusenza siqine kunamanye amaqembu ngoba sikwazi ukuvala izindawo ngabadlali beBafana Bafana amanye amaqembu angeke akwazi ukukwenza lokho,” usho kanje uMosimane ngokuqinisa iqembu lakhe ngale ndlela.
Kule midlalo ewu-18 iSundowns ingashaywa iphumelele ukuvala ukuthi ingangenelwa yigoli kweyishumi. Ishaye enethini amagoli awu-28. Ngaphandle kokubheka eduze, iSundowns isashaywe amahlandla awu-17 emidlalweni engu-108 kusukela kuqale u-2015.
Yize kukuhle konke kodwa iSundowns kusamele iphule irekhodi lokuhlala isikhathi eside kunazo zonke ingashaywa ngoba lisekwiKaizer Chiefs. Umdlalo olandelayo weSundowns kwi-Premiership izowudlala neBloemfontein Celtic uzolinganisa leli qembu nerekhodi leChiefs yona ehlale imidlalo ewu19 ingashaywa.