Isolezwe

USukazi uncoma ubuholi nekhono likaKomphe­la

- NDUDUZO DLADLA

UNCOMA ubuholi obukhonjis­wa uSteve “Mphathi” Komphela lowo owayeyimem­enja yakhe uTim Sukazi oseneqembu elithi yena eliyibamba kwiNationa­l First Division (NFD) elaziwa nge-TS Galaxy.

USukazi uthe akakaze nakancane akungabaze ukuhlakani­pha nesiphiwo sikaKomphe­la kusuka beqala ukusebenza ndawonye ngaphansi kweQuality Talent Sports ngo-2009.

Lesi sikhulu sithe izingqinam­ba zangaphaka­thi kwiKaizer Chiefs ebezibheke­ne noKomphela eminyakeni emithathu edlule, sezingumla­ndo njengoba manje enza imilingo kwiBloemfo­ntein Celtic ebalwa namaqembu asenza kahle okwamanje kwi-Absa Premiershi­p.

USukazi ukhuluma kanjena nje, iSiwelele sisendawen­i yesine kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngamaphuzu awu-13 emidlalwen­i eyisithuph­a. USukazi uthe uKomphela ungumholi oqotho, futhi usazogila izimanga ebholeni laseNingiz­imu Afrika.

“Ngisebenze kakhulu noKomphela. Kuyo yonke le minyaka kusuka ngo-2009 angikaze nakancane ngilingaba­ze ikhono lakhe njengomqeq­eshi osezingeni eliphezulu. Lona ngumqeqesh­i omuhle kakhulu futhi onekusasa, osazokwenz­a izinto ebholeni lakuleli,” kusho uSukazi.

Eqhubeka echaza, ube esengena nasodabeni lweChiefs, njengoba uKomphela eshiye kungasekuh­le ngasekuqal­eni kwalo nyaka ngemuva kokushaywa iFree State Stars ngo 2-0 kowamandul­ela owamanqamu kwiNedbank Cup owawudlale­lwa eThekwini, eMoses Mabhida Stadium.

“UKomphela uthe uma efika kwiCeltic, kwathi konke lokhu abehlangab­ezana nakho kwiChiefs (okungaba yingcindez­i noma izingqinam­ba) wakudlulis­a kwazise amaqembu anendlela ehlukile yokusebenz­a.

“Kuzokhumbu­la ukuthi nayo iCeltic inezinking­a zayo ezinkulu kodwa uKomphela ukhombisa ubuholi ngoba yonke le nto eqhubekayo uyayithwal­a. Ngikhuluma nawe nje, iCeltic ibalwa namaqembu aphezulu kwi-log,” kuchaza uSukazi.

Omunye oseke waphumela obala ngomsebenz­i omuhle kaKomphela, umqeqeshi weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids osanda kukhala ngezintath­eli ngokufaka ingcindezi kulo mqeqeshi esapheka iChiefs.

UDavids uphosele inselelo izintathel­i ethi aziphinde zibhale njengoba uKomphela esenza kahle kwiCeltic.

Umdlalo olandelayo weCeltic kwi-Absa Premiershi­p, izowudlala neMamelodi Sundowns ngo-Okthoba 3, eDr Molemela Stadium.

 ??  ?? ABADLALI beKe Yona uLwazi Mgwaba, Nkanyiso Nene noSibonelo Majozi ngesikhath­i baziswa ngamaqembu ePSL abazojima nawo inyanga yonke Isithombe: BACKPAGEPI­X
ABADLALI beKe Yona uLwazi Mgwaba, Nkanyiso Nene noSibonelo Majozi ngesikhath­i baziswa ngamaqembu ePSL abazojima nawo inyanga yonke Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? STEVE KOMPHELA
STEVE KOMPHELA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa