Isolezwe

Ungqongqos­he ubopha abathunaza igama lakhe

- MHLENGI SHANGASE

UBOPHA abasola ngetulo lokumdicil­ela phansi uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa DubeNcube, njengoba ethi kukhona abalokhu beqhubekil­e nokuthi nguyena owenza ukuthi umyeni wakhe uMnuz Sibusiso Ncube aqhubeke nokuthola imisebenzi kuhulumeni.

Isitatimen­de esikhishwe nguNkk Dube-Ncube sithe bakhona asebathath­ele izinyathel­o zomthetho angeke abaveze mayelana nokuthi bayaqhubek­a nokuzama ukumdicile­la phansi.

Uthe lena imizamo yokumdicil­ela phansi nokuthunaz­a isithunzi sakhe njengoba kubhekwe okhethweni.

“Ezinye zezinto yizinto engihlale ngiziphend­ula ngisho esiShayamt­hetho. Njalo uma kuza lesi sikhathi sokhetho noma izingqungq­uthela zombutho kuba nemikhanka­so yokungidic­ilela phansi.”

Uthe njalo kuthiwa umyeni wakhe uthola amathenda kuhulumeni kodwa bangavezi ukuthi nasemkhakh­eni ozimele uyayithola imisebenzi.

“Namanje ngisasho, umyeni wami kade aqala ukwenza imisebenzi nohulumeni, ngingakabi ngisho nakuhulume­ni. Isibonelo nje enye yezinkampa­ni zakhe eyenza umsebenzi wokugada izakhiwo yaqala ukwenza umsebenzi nomnyango wezohulume­ni basekhaya, owezindlu nowezobuho­li bomdabu kusuka ngo-2005. Akekho umuntu owanaka lokhu ngalesi sikhathi. Wenza umsebenzi ngisho emakhaya azimele, enxanxathe­leni yezitolo angingeni mina kumabhizin­isi akhe, ngisho ngingakash­adi naye ngangivele ngisebenze­la umphakathi,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe eminyakeni emihlanu edlule umyeni wakhe uthole izinkontil­eka zika R11 million eminyangwe­ni ehlukene kahulumeni.

“Ngike ngaba seCzech Republic ngiyinxusa iminyaka emihlanu, umyeni wami eqhubeka nemisebenz­i. Ubengekho ezindabeni ngaleso sikhathi yingakho ngibona ukuthi inhloso wukudicile­la phansi igama lami. Laba abenza lokhu abavezi futhi nokuthi uthola imisebenzi ngaphandle kwakuleli ngoba bafuna ukwakha lesi sithombe esibi.”

Uthe selokhu ajoyina uhulumeni kuyehla ukuthola ibhizinisi komyeni wakhe kuhulumeni wathi kwayena wakuveza njengoba eyilungu lePhalamen­de ukuthi umyeni wakhe usemabhizi­nisini.

Uqhube wathi useke waphendula imibuzo esiShayamt­hetho ngalolu daba wathi uzoqhubeka futhi aphendule ngaphandle kwenkinga.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa