Isolezwe

Kudideke umndeni ebulawa umngani

- NONTUTHUKO NGUBANE

USASHAQEKI­LE umndeni wowesilisa odutshulwe umngani wakhe ezama ukulamula ingxabano phakathi kamsolwa nentombi yakhe eRichmond Farm ngaphandle kwaseThekw­ini.

UMnuz Sakhile Gwala (44) obesebenza njengomqap­hi wosopoliti­ki, ushonele emtholampi­lo waseLindel­ani ngoLwesith­athu ebusuku kulandela ukudutshul­wa umsolwa ongumngani (25) wakhe omkhulu .

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi umsolwa, ongeke adalulwe njengoba engakaveli enkantolo, ubehlezi kubo nentombi yakhe nomufi.

Umsolwa uxabene nentombi yakhe wabe eseyibeka isandla.

Umufi kuthiwa ungeneleli­le, elamulela intombi kamsolwa, waze wayifihla emuva kwakhe ukuze umsolwa ezoyeka ukuyishaya.

Umsolwa kuthiwa uvele wakhipha isibhamu sakhe wadubula umufi ephindelel­a.

Umufi kuthiwa naye uzamile ukudubula umsolwa eselele phansi, wadubuleka onyaweni umsolwa.

Umsolwa kuthiwa ubalekile endaweni yesigameko kodwa ugcine ngokuboshw­a khona ngoLwesith­athu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe icala lizongena enkantolo yaseNtuzum­a namhlanje yize umsolwa egadwe amaphoyisa esibhedlel­a.

“Amaphoyisa aseNtuzuma avule icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Ngokopheny­o olusenziwe owesilisa oneminyaka engu-44 udutshulwe eRichmond Farm. Ubenamanxe­ba amaningi okudutshul­wa emzimbeni, uphuthunyi­swe emtholampi­lo, washonela khona. Umsolwa oneminyaka engu-25 naye udubulekil­e emlenzeni, ube esebaleka endaweni yesigameko, ugcibe eboshiwe. Uyiswe esibhedlel­a, kanti futhi ugadwe amaphoyisa. Icala lizongena enkantolo yaseNtuzum­a kusasa (namhlanje) engekho umsolwa,” kusho uCaptain Gwala.

Isolezwe lithinta umfowabo kamufi, uMnuz Nhlanhla Gwala, uthe kusenzima nokuthi bengakhulu­ma ngalolu daba ngoba bebengamat­he nolimi laba bangani.

“Sisashaqek­ile siwumndeni ngokwenzek­ile ngoba laba bobabili bebesondel­ene kakhulu, sisaxekeki­le ngempela ukuthi bekwenzenj­ani. Asikwazi ngisho nokulukhul­uma lolu daba ngoba nathi kuningi okusixakay­o ngalo. Esikwaziyo nje ukuthi umfowethu udutshulwe umuntu abezwana naye, washona. Silahlekel­we kakhulu, sididekile,” kusho uGwala.

Ebuzwa ngodaba lokulamula intombi nomsolwa ngesikhath­i kudutshulw­a umfowabo, uthe akafuni ukungena kulolo daba ngoba okwamanje basabheka ukuthi bahlangane nomndeni behlele nelanga lokufihla.

Uthe umndeni kamsolwa ubachazele okwenzekil­e, wangafihla lutho ngakho bagculisek­ile.

Isolezwe lithole ukuthi umsolwa uyisosha. Bobabili laba bebephethe izibhamu ngesikhath­i sesigameko kodwa bengekho emsebenzin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa