Isolezwe

Kugqugquze­lwe abase-Afrika

- NONTUTHUKO NGUBANE

IMBONGI, uLebo Mashile, igqugquzel­e abasiki bengqephu base-Afrika ukuba kube yibona abahamba phambili ekuthungen­i izimpahla ezakhelwe imizimba yabantu baleli zwekazi.

ULebo ukusho lokhu kade ethula inkulumo emcimbini wokuvulwa ngokusemth­ethweni kwe-Africa Fashion Exchange obuse-Greyville Convention Centre, eThekwini izolo.

ULebo uthe kwamphatha kabi kakhulu okwenzeka eminyakeni eyisishiya­galombili edlule ngesikhath­i iphephabhu­ku elalifake isithombe sakhe ekhasini lokuqala lenza umzimba wakhe ubukeke sengathi muncane ekubeni ongowesifa­zane owondlekil­e.

Uthe kuwukubuke­la phansi abantu base-Afrika ukuba kuvezwe sengathi abantu ekumele bephumelel­e kunoma yimiphi imikhakha kube abantu abancanyan­e ngokomzimb­a nabampofu ekubeni inqwaba yabantu base-Afrika bemnyama ngebala futhi bondlekile.

“Angiyena uchwephesh­e kwezemfash­ini njengoba ngiyimbong­i, umbhali nomculi kodwa kumele kube abasiki bethu base-Afrika abasithung­ela izimpahla ezifanela imizimba yethu,” kusho uLebo. Isikhulu seKwaZulu-Natal Fashion Council, uDkt. Joy Ndlovu ngesikhath­i evula lo mcimbi ngokusemth­ethweni, uthe kunabathun­gi abavela emazweni ahlukene ekubalwa i-Uganda, Namibia, Botswana namanye abazoveza amakhono abo.

“Lo mcimbi wezinsuku ezintathu sizobona zonke izinhlobo zengqephu yase-Afrika siphinde sithuthuki­se amakhono abathungi begqephu bethu,” kusho uDkt Ndlovu.

Omunye wabasiki bengqephu osemncane, uNksz Makhosi Ntshangase wase-Gamalakhe onenkampan­i i-Sistaz felaz, ubekhombis­a ngezimpahl­a zakhe izolo ebusuku ezinemibal­a egqamile.

“Okwenze ngagqugquz­eleka ukuba ngithunge lezi zimpahla ukubona ukubalulek­a kokuveza impahla yethu ukuthi nayo isesitayel­eni,” kusho uMakhosi. Lo mcimbi we-AFX kulindelek­e ukuba uphothulwe ngoMgqibel­o ngemicimbi ezobandaka­nya abomdlalo uZalo neMbewu.

 ?? Isithombe: Shelly Kjonstad/ ANA ?? UMNUZ Thulani Hlela wase-Clermont ehalalisel­wa uNksz Zama Majola wasophikwe­ni lokukhangi­sa kwiSolezwe. UHlela uklonyelis­we ngo-R5 000 emncintisw­aneni we-Mega Winners. Umncintisw­ano usaqhubeka
Isithombe: Shelly Kjonstad/ ANA UMNUZ Thulani Hlela wase-Clermont ehalalisel­wa uNksz Zama Majola wasophikwe­ni lokukhangi­sa kwiSolezwe. UHlela uklonyelis­we ngo-R5 000 emncintisw­aneni we-Mega Winners. Umncintisw­ano usaqhubeka
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? ULEBO MASHILE
ULEBO MASHILE
 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UMSIKI wengqephu uNksz Makhosi Ntshangase nengubo ekhonjiswe emcimbini we-Africa Fashion Exchange
Isithombe: GCINA NDWALANE UMSIKI wengqephu uNksz Makhosi Ntshangase nengubo ekhonjiswe emcimbini we-Africa Fashion Exchange
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa