Isolezwe

UGama uzulelwa ngamanqe

- BONISWA MOHALE

SIZULELWA ngamanqe isikhulu esiphezulu sakwaTrans­net, uMnuz Siyabonga Gama, emuva kokuthi izolo sinikezwe izinsuku eziwu-10 ukuba sichaze ukuthi kungani singafanel­e ukuxoshwa.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba, uSihlalo weBhodi yakwaTrans­net, uDkt Popo Molefe, uthe banikeze uGama incwadi emazisa ukuthi kunesiphak­amiso sokuthi kunqanyulw­e inkontilek­a yakhe nenkampani.

Uthe unikeziwe izizathu zesiphakam­iso okubalwa kuzo ukungaland­elwa kwemitheth­o yokuphatha imali, eyokutheng­wa kwempahla nokuqapha impahla yenkampani njengesikh­ulu esiphezulu.

“Ibhodi kalisabuth­embi ubuholi bukaGama. Simtshelil­e noNgqongqo­she wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan ngesinqumo sethu. Simnikeze izinsuku eziwu-10 zokuthi asinike izizathu zokuthi kungani singafanel­e ukumxosha,” kusho uMolefe esitaimend­eni.

Emuva kombiko weWerksman­s Attorneys owathola ukuthi akulandelw­anga umthetho ngesikhath­i kuthengwa izitimela eziwu-1 064, kwabe sekumiswa izikhulu ezimbili zakwaTrans­net ezibhekele­le ukuthengwa kwempahla. NoGama wayezomisw­a kodwa wayilwa le ndaba.

Kwavela ukuthi lezi zitimela zabiza uR509 million ngaphezu kwemali eyayikade ibekiwe ngesikhath­i kushintshw­a inkontilek­a eyayinikez­we iMitsui yaseJapan isinikwa inkampani yaseChina.

Imizamo yokuthola uGama ukuba aphawule ayiphumele­langa. Ucingo lwakhe belungange­ni futhi akayiphend­ulanga i-sms athunyelwe yona. UNobhala Jikelele weSouth African Transport and Allied Workers’ Union, uMnuz Jack Mazibuko, uthe abakuboni kuwubuhlak­ani ukuxosha uGama kube kuphenywa ngokusetsh­enziswa kombuso

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa