Isolezwe

Izinyanga zifuna ukuthathwa njengabaho­li benkolo

- ZANELE MTHETHWA

SEZIFUNA ukuthathwa njengabaho­li bezenkolo izinyanga ezithi abefundisi abasehluki­le kuzona ngoba sebelapha ngokufanay­o, baphrofeth­e nabantu njengezang­oma ezihlolayo.

Abelaphi bendabuko bakusho lokhu ezethulwen­i zabo phambi kweKhomish­ini eVikela Inkolo neziLimi, eholwa nguNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva. Kabafuni ukulawulwa yiTraditio­nal Health Practition­ers Act eyaphasisw­a ngo-2014, ebabhangqa ndawonye nabelaphi basentshon­alanga.

UNkk Phepsile Maseko onguMdidiy­eli weTraditio­nal Healers’ Organisati­on, uthe bayefana nabaholi bezenkolo ngoba nabo babiziwe. “Awusekho umehluko phakathi kwethu nabefundis­i. Sebelapha njengathi basebenzis­e amafutha nezimbiza abazibiza ngamanzi angcwele. Baphrofeth­ela abantu babatshele izinkinga zabo, lokho okufana ncamashi nokuhlola kwezangoma. Kukhona abefundisi ababiza itshe lemali ngokuhlola kodwa abalawulwa yilo mthetho wabelaphi owaphasisw­a,” kusho uNkk Maseko. Uthe umthetho owaphasisw­a bawuvuma ngoba befuna ukubhalisw­a ngokusemth­ethweni, bathenjisw­a ukuthi okunye kuzobuye kufakwe kuwo. “Ngisho uwufunda umthetho uyabona ukuthi awukhulumi nathi. Ukhuluma nezitshude­ni ezifundele ukwelapha ekubeni thina silandela ubizo sibuye sithwase,” kusho yena.

Uthe bazohlanga­na ukudingida izethulo abazoziyis­a ePhalamend­e. Uma bezilawula bazokwazi nokuhlunga abelaphimb­umbulu. Uwuhlabile umkhandlu wabelaphi osunguliwe athe abahambisa­ni nendlela osebenza ngayo.

UMnuz Sazi Mhlongo, iPhini likaSihlal­o weCouncil for Traditiona­l Healers, uthe ukusungulw­a kwalo mkhandlu bekwenzelw­a kona ukuthi bazimele. UMhlongo uthe balinde ukuthi babhaliswe ngokusemth­ethweni emnyangwen­i wezempilo ukuze bakwazi ngisho ukukhipha izincwadi zikadokote­la.

Mayelana nokufanisa izinyanga nabefundis­i uthe ukwelapha kuyefana kodwa umehluko wukuthi izinyanga zimba umuthi ehlathini. Uhulumeni kumele abhekisise indlela abefundisi bamanje abenza ngayo ukuthi kuseyikho yini okufanele.

UMfundisi Nathi Zondi, okhulumela inhlangano yabefundis­i eThekwini, uthe kwakudala abefundisi bebelapha ngokomphef­umulo. Uthe uma izinyanga ziziqhatha­nisa nabo ngokwenkol­o kumele ziveze ukuthi zikusho ngani lokho. Uma izinyanga zifuna ukungena enkolweni azisho izizathu kodwa zingaziqha­thanisi nabefundis­i.

Esithangam­ini ebesibizwe yiKhomishi­ni muva nje, uNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe abelaphi abaphonsel­e inselelo uhulumeni uma bezibona benelungel­o lokuba ngaphansi kwezenkolo ukuze baphathwe njengaholi bezenkolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa