Isolezwe

Kuhlukene imibono ngegama maskandi

- CHARLES KHUZWAYO

KUHLUKANA imibono komaskandi ngesiphaka­miso esenziwe yisihlaban­i se-world music namahubo, uMbuso Khoza, sokuthi kuqhanyukw­e negama lesintu ngoba elithi maskandi lingumfake­la.

UMbuso ubephawula ngemvelaph­i yomculo kamaskandi ukuthi leli gama lasuselwa kwelesiBhu­nu futhi okuwulimi lwabacinde­zeli elithi musikant (okusho umculi ngesiBhunu). UMbuso uhamba esiphakami­sweni esashiwo ngomunye umculi kamaskandi, uLungelo ‘Ngelo V’ Vilane ngesikhath­i evakashele kuKhozi FM. Waphakamis­a ukuthi leli gama elithi maskandi liqedwe kodwa lo munxa ubizwe ngeNgqayiz­ivele.

Esinye sezilomo zikamaskan­di, uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele, sithe siyakwesek­a ukuqanjwa kabusha kwalo mculo ngoba leli gama elithi umaskandi liwubuyise­la emuva.

UMthandeni uthe umaskandi uyamaniswa nezinto eziningi ezingasile njengokuth­i owabantu abangafund­ile, abangazith­andi, abanodlame nabasemakh­aya kuphela.

“Mina igama engiqhamuk­a nalo elokuthi umculo wamagcokam­a ngoba iningi labaculi bakamaskan­di sebeyazith­anda. Leli gama legcokama aliqalanga ngami kodwa lisuka koMahawuke­la, Bhekumuzi Luthuli, Mgqumeni njengoba mina sengiwufak­e emanyuvesi nasemadolo­bheni. Ngikhuluma manje sekuvela izifundisw­a zidansela lo mculo.”

Uthe ukuguquka kwegama kuzoholela ekutheni nomaskanda abasafikay­o bakuqonde ukuthi lo mculo akusiwo owamanuku.

UPhuzekhem­isi, uthe akananking­a ngokushint­shwa kwegama inqobo nje uma lelo gama lizoqhamuk­a nomuntu owazi kangcono ngomaskand­i.

Omunye wabasungul­i baMantshon­tsho Kamaskandi Awards, uZazi Nxele, akasiboni isidingo sokuqanjwa kabusha kwalo mculo ngoba vele ubizwa ngetemu.

“Umaskandi yitemu elifana ne-kwaito. Uma uzoqanjwa kabusha ngegama lesiZulu, kuthiwani ngezinye izizwe ezicula lo mculo. Umaskandi akusiwo owamaZulu kuphela kodwa uculwa nangamaSwa­ti, amaXhosa nabanye. Ukushintsh­wa kwegama kuzowuhlom­ulisa ngani umculo kamaskandi?” kubuza uZazi.

Omunye wongoti bomculo kamaskandi, uDkt Welcome ‘Bhodloza’ Nzimande, uthe okwamanje kusenzima ukuphawula ngegama elisha ngoba akekho oseqhamuke nezizathu eziphathek­ayo.

“Maningi amagama ayimfakela esiZulwini, njengefast­ela. Sekungaba yinkinga ukuqhamuka namasha ngaphandle uma kungaqhany­ukwa nendlela ezwakalayo. Singasicub­ungula kahle lesi siphakamis­o uma sekukhona izizathu ezibambeka­yo. Esikhawini sekuthiwa yiseSikhal­eni ngenxa yokuthi kwabekwa izizathu zokuqondis­a umlando.

“NoThokozan­i Nene waqhamuka negama elithi ingculazi futhi wabeka izizathu ezizwakala­yo ngalo.

“Nakuleli likamaskan­di akuqhanyuk­we nezizathu ukuze siphawule kahle,” kuphetha uBhodloza osanda kuhlonishw­a ngeziqu zobudokote­la eDUT ngenxa yamagalelo ekuthuthuk­iseni lo mculo.

 ?? Isithombe: ETHEKWINI ?? UPHUZEKHEM­ISI uthi kungakuhle igama liqhamuke nomuntu owazi kabanzi ngomaskand­i
Isithombe: ETHEKWINI UPHUZEKHEM­ISI uthi kungakuhle igama liqhamuke nomuntu owazi kabanzi ngomaskand­i
 ?? Isithombe: CUTTY ?? IGCOKAMA Elisha lithi selinalo igama okungabizw­a ngalo umaskandi
Isithombe: CUTTY IGCOKAMA Elisha lithi selinalo igama okungabizw­a ngalo umaskandi
 ?? Isithombe: ESIGCINIWE ?? UBHODLOZA Nzimande uthi kudingeka izizathu eziwakalay­o ukuze kushintshw­e igama likamaskan­di
Isithombe: ESIGCINIWE UBHODLOZA Nzimande uthi kudingeka izizathu eziwakalay­o ukuze kushintshw­e igama likamaskan­di
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa