Uhlelo oluzoba wusizo kothisha nakubafundi
UZOKWEHLA umthwalo kothisha baseMzinyathi nasesifundeni iLembe basezikoleni zamabanga aphansi njengoba bezosizwa ngabafundi ezifundweni iMaths neSayensi.
Abasizi bazosebenza iminyaka emithathu ohlelweni olusahlolwa olwaziwa ngeRural Education Assistant Project.
Inhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enock Nzama, ithe uhlelo oluhle oluzosiza abafundi nothisha. Uthe luzogxila ezilimini, kwiMaths, Sayensi nezinye izifundo kusuka kwaGrade 1 kuya kuGrade 4.
“Uhlelo olusize intsha njengoba ingu-250 esiqalile ukusebenza kulezi zifunda. Laba bafundi abanomatric baqeqeshelwe ukusiza othisha,” kusho uNzama.
Uhlelo lwethulwe eCarter High eMgungundlovu kanti bekumele kufike uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNkk Angie Motshekga ongafikanga ngoba kuthiwa unomkhuhlane.
UMnuz Seliki Tlhabane, umqondisi wohlelo lwezemfundo emnyangweni kazwelonke obemele uNkk Motshekga, uthe ingu750 intsha efakwe kulolu hlelo ezifundazweni ezintathu.
Uthe bakhethe izifundazwe ezintathu nezifunda ezingenzi kahle ukuze kunyuke izinga lokuphasa kwabafundi.
“Sikhethe iKZN, Eastern Cape neLimpopo. Sithathe intsha engasebenzi eno-matric eyenze kahle kwiMaths sayiqeqesha. Uhlelo lweminyaka emithathu lolu oluzosiza izikole ezingu-188.”
Uthe uhlelo luzoholwa yintsha engasebenzi ezifundeni wathi lwakha amathuba emisebenzi entsheni ukuze ikhethe ukuba ngothisha.
UNksz Lindiwe Mngoma wasesifundeni uMzinyathi ofakwe kulolu hlelo, uthe bazosiza othisha abanomthwalo onzima ezikoleni.
Uthe abafundi babhekana nomthamo omkhulu wezifundo uma sebeya kwaGrade 4 sekwengezwa izifundo.
“Sizosiza kulezi zikole sehlise umthwalo kubafundi njengoba beba senkingeni ngoba kusuke sekufundwa nangesilungu. Siyazibophezela ekutheni sizowenza ngokuzinikela umsebenzi,” kusho uNksz Mngoma.
USihlalo weSadtu eKZN, uMnuz Phumlani Duma, uthe bayalwamukela lolu hlelo ngoba luzosiza ezikoleni ezisemakhaya.
“Lolu hlelo akumele lusetshenziselwe ukuthi kungabe kusaqashwa othisha kusebenze le ntsha esikhundleni sabo. Othisha kumele bahlale bekhona.”
UMnuz Bernard Masondo, wenhlangano yezigungu zezikole uthe bayalwamukela uhlelo.
Isolezwe lithole ukuthi intsha izohola uR2 000 ngenyanga.