Isolezwe

Izinkunzi zegqom’ nomaskandi kowamanqam­u weMTN8

- MALIBONGWE MDLETSHE

UZONDLALEL­WA wumbukiso wezinhlobo ezimbili zomculo ezihamba phambili eNingizimu Afrika umdlalo wamanqamu weMTN8 ophakathi kweCape Town City neSuperSpo­rt United abazodlana imilala eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku.

Kulo mdlalo okuzobe kushukana kuwo idolobha iTshwane limelwe AmaTsatsan­tsa neKapa imelwe yiCity Boys, kuzobe kubangwa kuwo uR8 million.

Ngaphambi kokuthi uBenni McCarthy angene kwi-18 area nezakhe, kuzoduma isigubhu kushaywe nevosho kusho nentambo yesigingci kubhiklwe nengoma ekhonsathi­ni okuqhudela­na khona abaculi begqom’ nomaskandi.

Lokhu kushiwo abePremier Soccer League (PSL) baqiniseki­sanokuthi kuzobe kuboshelwe abaculi baKwaZuluN­atal abangacons­i phansi nabazokwez­a abalandeli besifundaz­we bakhohlwe wukuthi alikho elabo iqembu kwazobe edlala.

Kubaculi abaqinisek­isiwe ukuthi bazobe bekhona kusukela kuvalwa amasango ngo-4 ntambama kubalwa izilomo zegqom’ iDistructi­on Boyz, DJ Tira, Tipcee, Dladla Mshunqisi, noProfesso­r.

Kwezikamas­kandi kubalwa eqhulwini izinkakha uShwi Nomtekhala, Khuzani, Igcokama Elisha noDSD.

Laba baculi babalwa kwabahamba phambili emculweni waseMzansi kulezi nsuku.

Ngaphezu kukaWafaWa­fa walezi zilomo iPSL ithukuse induku emqubeni ngomculi ozomangaza abantu ngesikhath­i sekhefu.

Amasango azovulwa ngo-2 ntambama kanti ngaphambi kwedili lomculo abalandeli bazothola ithuba lokuhlanga­na kwiFan Zone nezinkakha zikanobhut­shuwayo abazithand­ayo okubalwa kuzo uJabu “Shuffle” Mahlangu, Stanton “Stiga” Fredericks, Lucky “Phindamzal­a” Lekgwathi noThabo September.

Amathikith­i omdlalo adayiswa ngoR40 awabadala noR15 awezingane ezingaphan­si kweminyaka engu-12. Atholakala eTicketPro nasezitolo zaseSpar ezweni lonke.

Okunye okuzojabul­isa abalandeli, wukuthi abasebenzi­sa iMTN bazogixabe­zwa ngama-data awu-500MB mahhala bengena nje enkundleni.

Ama-data azophela ngemuva kwezinsuku ezimbili uma engasetshe­nzisiwe. Ngaphezu kwawo miningi eminye imiklomelo ezohlomulw­a abalandeli.

Umdlalo uqala ngo-7. Ngokwesibi­li iminyaka elandelana la maqembu ehlangana kuwo futhi enkundleni efanayo.

Nyakenye kunqobe iSuperSpor­t ngo 4-2 sekukhalel­wa amaphenath­i.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? IZINKAKHA zikamaskan­di uShwi noMtekhala zizonandis­a eMoses Mabhida Stadium ngaphambi komdlalo weMTN 8 kusasa
Isithombe: ZANELE ZULU IZINKAKHA zikamaskan­di uShwi noMtekhala zizonandis­a eMoses Mabhida Stadium ngaphambi komdlalo weMTN 8 kusasa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa