Izinkunzi zegqom’ nomaskandi kowamanqamu weMTN8
UZONDLALELWA wumbukiso wezinhlobo ezimbili zomculo ezihamba phambili eNingizimu Afrika umdlalo wamanqamu weMTN8 ophakathi kweCape Town City neSuperSport United abazodlana imilala eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
Kulo mdlalo okuzobe kushukana kuwo idolobha iTshwane limelwe AmaTsatsantsa neKapa imelwe yiCity Boys, kuzobe kubangwa kuwo uR8 million.
Ngaphambi kokuthi uBenni McCarthy angene kwi-18 area nezakhe, kuzoduma isigubhu kushaywe nevosho kusho nentambo yesigingci kubhiklwe nengoma ekhonsathini okuqhudelana khona abaculi begqom’ nomaskandi.
Lokhu kushiwo abePremier Soccer League (PSL) baqinisekisanokuthi kuzobe kuboshelwe abaculi baKwaZuluNatal abangaconsi phansi nabazokweza abalandeli besifundazwe bakhohlwe wukuthi alikho elabo iqembu kwazobe edlala.
Kubaculi abaqinisekisiwe ukuthi bazobe bekhona kusukela kuvalwa amasango ngo-4 ntambama kubalwa izilomo zegqom’ iDistruction Boyz, DJ Tira, Tipcee, Dladla Mshunqisi, noProfessor.
Kwezikamaskandi kubalwa eqhulwini izinkakha uShwi Nomtekhala, Khuzani, Igcokama Elisha noDSD.
Laba baculi babalwa kwabahamba phambili emculweni waseMzansi kulezi nsuku.
Ngaphezu kukaWafaWafa walezi zilomo iPSL ithukuse induku emqubeni ngomculi ozomangaza abantu ngesikhathi sekhefu.
Amasango azovulwa ngo-2 ntambama kanti ngaphambi kwedili lomculo abalandeli bazothola ithuba lokuhlangana kwiFan Zone nezinkakha zikanobhutshuwayo abazithandayo okubalwa kuzo uJabu “Shuffle” Mahlangu, Stanton “Stiga” Fredericks, Lucky “Phindamzala” Lekgwathi noThabo September.
Amathikithi omdlalo adayiswa ngoR40 awabadala noR15 awezingane ezingaphansi kweminyaka engu-12. Atholakala eTicketPro nasezitolo zaseSpar ezweni lonke.
Okunye okuzojabulisa abalandeli, wukuthi abasebenzisa iMTN bazogixabezwa ngama-data awu-500MB mahhala bengena nje enkundleni.
Ama-data azophela ngemuva kwezinsuku ezimbili uma engasetshenzisiwe. Ngaphezu kwawo miningi eminye imiklomelo ezohlomulwa abalandeli.
Umdlalo uqala ngo-7. Ngokwesibili iminyaka elandelana la maqembu ehlangana kuwo futhi enkundleni efanayo.
Nyakenye kunqobe iSuperSport ngo 4-2 sekukhalelwa amaphenathi.