Isolezwe

ULundi luphume phambili ngokwakha imixhaso

- MLUNGISI GUMEDE

UMKHANDLU wasoLundi uhlabane ngomklomel­o wokuba umasipala ohamba phambili esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal kumaGovan Mbeki Awards emkhakheni wokwakhiwa kwezindlu zomxhaso ezindaweni zamakhosi.

Lo masipala uphinde walala isibili esifundazw­eni ekukwazini ukuqhuba izinhlelo zentuthuko kodwa ube ungaxhasiw­e. ULundi manje selizomela isifundazw­e emcimbini kazwelonke wamaGovan Mbeki, okusazomen­yezelwa ukuthi uzoba nini.

IMeya yoMkhandlu wasoLundi uMnuz Wilson Ntshangase ithe le mpumelelo isho ukuthi umasipala wabo uphethwe kahle.

Uthe bayishayel­a ihlombe impumelelo yabo, wabonga abasebenzi nezikhulu zikamasipa­la ngokuseben­za ngokuzikha­ndla.Uphinde watusa nemfundiso yomholi we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi, wathi nayo iyisisekel­o sempumelel­o yabo.

“Okunye okusisiza kakhulu imfundiso kaMntwana waKwaPhind­angene, ngoba nathi sibukela kuyena ukuthi kuphathwa kanjani, amagalelo oMntwana ayazikhulu­mela njengoba aphatha uhulumeni waKwaZulu wenza izinto eziningi uhulumeni okhona manje ongakakwaz­i ukuzenza,” kusho uNtshangas­e. UNtshangas­e uthe uLundi lwaluyihla­thi kodwa ngobuhlaka­ni bukaButhel­ezi wakwazi ukuliphend­ula idolobha elisemakha­ya kodwa elihlonish­wayo. Uthe iyodwa indlela abangamhlo­nipha ngayo uButhelezi ukuthi banqobe ukhetho lapha KwaZulu-Natal ngonyaka ozayo.

Unxuse abantu ukuba baqhubeke nokubathem­ba ngevoti labo.

Uthe banezinhle­lo eziningi asebezenzi­le baziqede ezidle izigidi kubalwa ukwakhiwa kwamahholo ezindaweni ezahlukene, imigwaqo nokufakwa kukagesi. “Nemigodi ebikhona edolobheni lethu okuke kwabikwa ngayo kwabezinda­ba sesiyivali­le.”

 ??  ?? KWESOBUNXE­LE imenenja yoMkhandlu wasoLundi uMntwana Nkosenye Zulu neMeya uMnuz Wilson Ntshangase besesithan­gamini nabezindab­a bekhuluma ngempumele­lo kamasipala wabo
KWESOBUNXE­LE imenenja yoMkhandlu wasoLundi uMntwana Nkosenye Zulu neMeya uMnuz Wilson Ntshangase besesithan­gamini nabezindab­a bekhuluma ngempumele­lo kamasipala wabo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa