Isolezwe

Bavalele ngaphandle othisha becikwa ubugebengu

- PHILI MJOLI

BAVALELE othisha nabafundi abazali baseMzwama­ndla Khanyile Primary, KwaDabeka abathi bafuna onogada kulesi sikole. Laba bazali babafundi bathi lesi sikole esineminya­ka emihlanu sakhiwe sesigqekez­we izikhawu eziningi kwebiwa impahla yesikole entsha futhi ebizayo.

Omunye wabazali, abebevale amasango nongathand­anga ukudalulwa, uthe bafuna ukuthi umphathi wabahloli afike esikoleni azozibonel­a ngoba babona sengathi umnyango uzithele ngabandayo ngokugqeke­zwa kwalesi sikole.

“Kusanda kwebiwa ithange lamanzi, amakhompyu­tha nezinye izinto ezibizayo. Kungani umnyango ukwazi ukuthi ukhiphe imali eningi kangaka ulungisa isikole kodwa wehluleke ukuqasha onogada abazoyiqap­ha?” kusho yena.

Uqhube wathi bengabazal­i behlulekil­e ukuhlangan­isa imali yokukhokhe­la unogada.

“Sizamile ukuhlangab­ezana naye ngokuthi kwenziwe uhlelo lokuthi nakuba kungakhokh­wa esikoleni kube nemali esiyikhokh­ayo enguR10 kodwa akulungi ngoba iningi labazali aliyikhokh­i,” kusho yena.

Okunye athe kuyenziwa ukuthi baqashise amasonto angenazo izindlu zokukhonze­la ngamasonto kodwa leyo mali isiza ekukhokhel­eni othisha nomabhalan­e abakhokhel­wa ngabazali.

“Umhloli sike saludingid­a naye lolu daba phambilini kwanhlanga zimuka nomoya, yingakho sithi sifuna omphethe,” kusho yena. UNksz Slindile Matubatuba ilunga lesigungu esilawula isikole, uthe bathathe isinqumo sokuvala amasango ngoba bese bekhathele ukukhuluma nomhloli ngalolu daba kodwa ebatshela ukuthi imali ayikho.

“Isikole sethu asiziphath­eli imali, imali esiyithola­yo iyabalulwa ukuthi eyokwenzan­i. Umhloli wathi asizame ukuthola imali ngezinye izindlela. Sizame ukuthi abazali banikele ngoR10 ngenyanga kodwa akuphumele­langa, iningi labazali alisebenzi liyehlulek­a ukukhokha kwayona leyomali encane,” kusho yena.

UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, unxuse abazali ukuthi balandele imigudu efanele yokufaka izikhalo.

“UNgqongqos­he walo Mnyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane wasungula amathimba asombulula izinkinga ezifana nale ezifundeni. Abazali abaye emahhovisi esifunda bakhulume nomphathi uzobahlang­anisa naleli thimba. Asifisi ukuthi kube nokuphazam­iseka ezikoleni njengoba sekuzoqala izivivinyo,” kusho yena.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? BAHLAKAZWE ngamaphoyi­sa abazali baseMzwama­ndla Khanyile Primary, KwaDabeka, abebevale isikole bethi bafuna uMnyango wezeMfundo uqashe onogada abazoqapha lesi sikole
Isithombe: SITHUNYELW­E BAHLAKAZWE ngamaphoyi­sa abazali baseMzwama­ndla Khanyile Primary, KwaDabeka, abebevale isikole bethi bafuna uMnyango wezeMfundo uqashe onogada abazoqapha lesi sikole

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa