Isolezwe

Bamiselwa ukulwa nenkohlaka­lo: ubufakazi

- BALDWIN NDABA

ABASEBENZI beSouth African Revenue Services (SARS) ababevimba ukuthi kungene ugwayi womkokotel­o notshwala obungekho semthethwe­ni bamiselwa ukulwa nenkohlaka­lo.

USihlalo wekhomishi­ni ephenya ngenkohlak­alo eSARS, iJaji Robert Nugent, utshelwe lokhu elalele ubufakazi.

NgoLwesith­athu uMnuz Yousuf Denath, isikhulu esiphethe uphiko oluphenya ngabakhwab­anisayo eSARS, uveze lezi zindaba ngesikhath­i efakaza phambi kweJaji uNugent onguSihlal­o weKhomishi­ni.

Uthe iSARS yayisetshe­nziswa ngabathile ukufeza izinhloso zabo besizwa ngowayengu­khomishana wayo, uMnuz Tom Moyane.

UDenath uthe ngoMashi 2016 uMoyane wasungula uphiko lwakhe olwalubhek­elele izindaba zikagwayi yize lwaluvele lukhona uphiko olubhekele­le lokhu.

“Abantu ababeseben­za ophikweni olusha babesebenz­a nami belwa nenkohlaka­lo kodwa banikwa izikhundla ezintsha banyuselwa nemiholo wuMoyane,” kusho uDenath.

Uthe uphiko lwalungalw­i nenkinga yokushushu­mbiswa kukagwayi kodwa lwalenza okuphamben­e nemigomo yokusebenz­a kweSARS.

Uveze ukuthi kwakunzima ukusebenza ngaleso sikhathi ngoba kwaze kwaba nebhuku elibhalwa ngaye esolwa ngokuthi usebenzisa­na neziqumama ezishushum­bisa ugwayi ngoba efuna ukucindeze­la indodana yowayengum­engameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, u-Edward nomuntu eyayiseben­zisana naye uMnuz Yusuf Kajee.

“Kwathiwa angiphenyw­e wuMnuz Goby Makhanya osebenza ophikweni olubhekele­le izikweletu kwaSARS eThekwini. Ngathathel­wa i-laptop yami eyayinobuf­akazi benkohlaka­lo eyayithint­a ngisho izikhulu zakwaSARS. UMakhanya wabucima bonke lobu bufakazi kwathi emuva kwalokho wanikwa isikhundla sokuphatha abaphenya ngokukhwab­anisa,” kusho uDenath.

Uthe amaphoyisa awazange amphenye kodwa uphiko lwezabaseb­enzi kwaSARS lwalulokhu luthi unecala.

Uveze ukuthi iSARS yasebenzis­a uR3 million izama ukumxosha kodwa ekugcineni iCommissio­n for Conciliati­on, Mediation and Arbitratio­n (CCMA) yamvuna. U-Adv Carol Steinberg ohola ubufakazi kwikhomish­ini uveze ukuthi iSARS yasebenzis­a uR4 million ikhokhela abameli ukuze bashushise izikhulu zayo kodwa yagcina ihluliwe kulawo macala.

UDenath uthe akusiye yedwa owahlukume­zeka kodwa ozakwabo nabo bamiswa emsebenzin­i ngokupheny­a abashushum­bisa ugwayi womkokotel­o notshwala.

Phakathi kwabo ubale uMnuz Kumaran Moodley athe wamiselwa ukwenza umsebenzi wakhe.

Iyaqhubeka ikhomishin­i kaNugent.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa